Now Reading
Ezezithuthi: Abanye abammeli bazokuhlanganyela nokuhlupheka
Dark Light

Ezezithuthi: Abanye abammeli bazokuhlanganyela nokuhlupheka

Kungekudala kulo leli phephandaba sike sathinta udaba lokucindezeleka kwabantu abasuke belimele emgwaqeni esihlokweni esasithi ‘Ingozi yomgwaqo yifa lezinja’. Sasikhuluma ngezisulu zezingozi zomgwaqo okumele zithole isinxephezelo emnyangweni wezokuthutha kodwa zingazitholi ngenxa yabammeli abangogombela kwesabo. 

Ahlupheke umuntu onsundu ngoba engenalo ulwazi lokuthi kufanele enze njani uma egolinywa ummeli. Namuhla sizothinta udaba lwezinxephezelo zezingane ezisuke zilinyazwe isibhedlela ngesikhathi zizalwa. 

Sizosebenzisa amagama okungesiwo, nendawo okungesiyo eyangempela, ukuzama ukuvikela lomndeni esikhuluma ngawo. Ngo-2013 umndeni wakwaNhlengethwa eMtubatuba wabusiseka ngengane yomfana kwesinye sesibhedlela. Ekuzalweni kwalengane isibhedlela saba nobudedengu obukhulu, okwaholela ukuthi ingane ilimale ubuchopho. 

Njengamanje lengane ayikhulumi, inesifo sokuwa, ayikwazi ukuhamba, idla ngepayipi. Abazali bafaka isikhalazo emnyangweni wezimpilo besebenzisa abammeli. Ngo-2016 baphumelela abammeli ukuthola isinxephezelo sengane. Isamba semali eyatholakala kwakuyizigidi eziyishumi nomuvo nesgamu (R11.5 million). 

Kulesisamba abammeli bathatha izigidi eziyisihlanu njenge ngokhelo yabo, kanti ngokusemthethweni abammeli kumele bathathe imali engu 25% kwisamba kodwa bona bakhetha ukuthatha isigamu sesamba. Inxenye esele babathengela umuzi. 

Ubunikazi bomuzi umndeni awubazi ngoba awukaze usayine ndawo. Enye inxenye babathengela imoto ezosiza ukuhambisa ingane esikolweni, kodwa leyomoto yagcina ukuthelelwa ngo-2020 okusho ukuthi leyomoto ayikho emgwaqeni, kodwa ingane kufanele iye esikoleni. 

Enye ingxenye yafakwa kwi trust account. Leyo akhawunti awuchazelwanga kahle umndeni ngayo. Ukungabinaso isiqiniseko nge trust account kunikeza ungabazane kulomndeni. Nobunikazi bemoto nabo abuqinisekisiwe. Lomndeni unikezwa izinkulungwane eziyishumi njalo ngenyanga. 

Khumbula ukuthi lengane idinga abazali ababili ngaso sonke isikhathi, ubaba uyashayela umama agone ingane. Bobabili abazali kumele bangasebenzi omunye umsebenzi ngaphandle kokunakekela ingane. 

See Also

Kuyenzeka ingane ingadli ngesikhathi ngenxa yokuthi i-trust isuke ingakukhokhele ukudla kwengane. Kuyenzeka kuvalwe ugesi ngenxa yokungakhokhi kwe trust kanti lengane ayikwazi ukuphila ngaphandle kukagesi. 

Usizi lumi lodwa kulomndeni kodwa bathole izigidigidi emnyangweni wezimpilo. Nawo nje umuzi uma ungena kuwona awukhombisi ukuthi wakhelwe phezu kwesisekelo somuntu okhubazekile. 

Futhi uphinde ube mncane kakhulu, awunayo indawo yokubeka ingane ekhubazekile ngokukhululeka. Kulesisimo lesi lomndeni uyaludinga usizo lwezomthetho. 

Scroll To Top