Now Reading
IMozambique emizamweni yokubuyisa ukuthula kuleli zwe
Dark Light

IMozambique emizamweni yokubuyisa ukuthula kuleli zwe

UMengameli waseMozambique uFilipe Nyusi (osesithombeni), ngoLwesithathu uthe uHulumeni wakhe uzosebenzela ukubuyisa ukuthula ezweni ngemuva kwesigameko sokuvukelwa kombuso ngenyanga edlule eduze nemiklamo yegesi eyizigidigidi zamarandi esekelwa izinkampani zikawoyela zomhlaba wonke. 

“Sizokwenza yonke imizamo ukubuyisa ukuthula ezweni lethu, ikakhulukazi enyakatho, eCabo Delgado eminyakeni edlule obekuhlaselwa ngayo amaphekula,” kusho uNyusi ngesikhathi ethula inkulumo engqungqutheleni yeMozambique Mining, Energy and Oil and Gas.

Amaphekula ahlasela idolobha elisogwini iPalma zingama-24 kuNdasa nonyaka esifundeni esiseduze namaphrojekthi egesi yemvelo iLiquefied Natural Gas (LNG) okuhloswe ngayo ukuguqula umnotho waseMozambique. Amabutho aleli zwe akwazile ukunqoba kabusha leli dolobha cishe emasontweni amabili ngemuva kokuthi lithathwe amaphekula.

Inkampani kawoyela iTotal yaseFrance ikuhoxisile ukuqala kabusha kokuhlelwa kokwakhiwa kwephrojekthi yayo engamarandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingama-20 ngenxa yodlame, futhi kukhona imibiko ethi iTotal isuse zonke izisebenzi zayo kule ndawo. 

See Also

Akukacaci ukuthi ukwakhiwa kwephrojekthi kuzoqala nini nengoba i-Exxon kusamele inikeze imvume yokugcina iphrojekthi yayo eseduze neRovuma LNG. 

Lesi sikhondlakhondla sikawoyela saseMelika sasibambezela isinqumo saso sokugcina sokutshala imali ngonyaka owedlule ngenxa yokhuvethe nokwenyuka kwamanani okwalandela ezimakethe zikawoyela negesi njengoba isidingo sayo sasesinciphile.

Scroll To Top