URamaphosa uthi yizinsiza eziyinselelo ekukhiqizweni komgomo wokhuvethe
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli waseNingizimu Afrika uCyril Ramaphosa uthe ubhubhane ukhuvethe lukhombise ikhono lezwekazi i-Afrika kwezesayensi kanye nasempumelelweni yezempilo.
Ekhuluma engqungqutheleni yezinsuku ezimbili ye-Africa Centre for Disease Control ebidingida ukwakhiwa kwekhambi lalesi sifo, uRamaphosa uthe ithalente nentando kukhona kodwa yizinsiza eziseyinselelo.
URamaphosa uthe noma ukukhiqizwa komgomo osebenzayo kulethe ithemba lokululama, kepha ngeke wonke amazwe abe namathemba alinganayo ngokuthola lo mgomo ngesikhathi awudinga ngaso. Uthe inselelo enkulu ebhekene namazwe amaningi ase-Afrika ukuphakelwa kwalo mgomo okuphansi ukwedlula ukudingeka kwawo .
“Umsebenzi wethu osheshayo wukuthi sithole imithamo eyanele amazwe ase-Afrika yomuthi wokugoma sisebenzisa i-African Vaccine Acquisition Task Team (AVATT), esiyenze inqubekelaphambili ebalulekile ngokubambisana nabakhiqizi. Lo mzamo usekelwa ezinye izinhlelo zokwenza le mishanguzo ezwenikazi, lapho kungenzeka khona ngaphansi kwelayisense nangokusebenzisana nabakhiqizi bamanje. Indawo noma inkampani i-Aspen eNingizimu Afrika, ukwenza isibonelo, izokwenza isiqiniseko sokuthi imithamo eyizigidi ezingama-220 itholakala kulandela isivumelwano se-AVATT nenkampani iJohnson & Johnson,” kwengeza uRamaphosa.
UMengameli uRamaphosa uthe umsebenzi we-Afrika manje wukuthi isebenzise amakhono ayo, iphinde ifunde kusipiliyoni sangonyaka odlule ukwakha ikhono lokukhiqiza izinto zokwelapha zase-Afrika ezinamandla futhi ezihlangabezana nezidingo zezempilo zabantu bezwekazi.
INingizimu Afrika ngelinye lamazwe abe nokhuvethe olwehlukile kwathi i-Afrika yaba nezibalo ezincane zabanalo noma asebeshonile emazwenikazi.
UMengameli waseNingizimu Afrika uthe ukusungula amandla okuzikhiqizela kuzosiza izwekazi ukuzibophezela ekwenzeni ngcono ukunakekelwa kwempilo yabo.
“Lokhu kusho ukuthi esikhathini esimaphakathi esizayo, kudingeka sandise amakhono akhona abe yizibalo zezifunda ezisebenzela izwekazi lonke. Ukwenza lokho i-Afrika kumele isebenzise amakhono ayo ezwekazi futhi ibone amathuba okubambisana emazweni amaningi ezwenikazi. Sidinga futhi ukwakha ubudlelwano obuzinzile nezinhlangano emazweni omhlaba athuthukile nasathuthukayo,” kusho uRamaphosa.
IThe African Centre for Disease Control (Africa CDC) ithe ingathanda ukubona i-Afrika ikhiqiza cishe amaphesenti angama-60 emithi yokugoma esetshenziswa kulona leli zwekazi.
Okwamanje leli zwekazi lithenga amaphesenti angama-99 emithi yokugoma ngaphandle lona likhiqiza iphesenti elilodwa lomgomo.
Ukuphuthuma kokuqalwa kokuzikhiqizela umgomo kudalwa ubunzima bokuthola umgomo wokhuvethe.
UMqondisi weCDC uJohn Nkengasong, uthe okuhlosiwe ukwandisa umthamo ngonyaka wezi-2040.
Mhla zili-15 kuNdasa cishe izigidi ezi-23.6 zomthamo womuthi wokugomela ukhuvethe ibisi sabalaliswe izwekazi lonke.
Imizamo yokugoma kwe-Afrika kubhekwa yisikhungo iCovax, okuhloswe ukuhlinzeka ngemithi yokugoma exhaswe ngabanikeli emazweni asafufusa.