Nakulokhu uNetanyahu uzithola esemseni wezitha



UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
Kufufusa umbimbi lwamaqembu azigqaja ngenzondo yabokufika nezinkonkoni kwa-Israel kulandela ukhetho lukazwelonke. NgoLwesibili leli lizwe belinokhetho lukazwelonke imiphumela yalo eveza isithombe esithi asicishe sifane nokhetho olwedlule lapho khona iqembu likaNdunankulu uBenjamin Netanyahu iLikud lidla umhlanganiso kodwa lehluleka ukuthola izihlalo ezingama-61 ukuthi likwazi ukuziqokela uHulumeni ngaphandle kokwakha umbimbi namanye amaqembu.
Kuneqembu iReligious Zionist Party elizuze izihlalo eziyisithupha eSishayamthetho. Isigcwagcwa saleli qembu ukuthi lakhelwe phezu kwemibono yodlame olubhekiswe kumaSulumane kanye nokubeka phambili inkolo nesizwe samaJuda njengesingcono kunezinye.
Kunokukhathazeka ukuthi kungase kuphoqeleke ukuthi uNetanyahu asebenzisane naleli qembu kanye namanye afunze lona uma esafuna ukuqhubeka kwesobuNdunankulu. Lokhu kugqanyiswa kakhulu ukuthi amaqembu amancane andile kunokuthi anciphe kanti amaqembu abekhankasa ngokucwasa nokugwamanda umhlaba wamaSulumane ePalestine yiwona enze kahle kulolu khetho.
Okulindelekile ukuthi lawa maqembu akhe olwawo umbimbi kuqala afake uNetanyahu ngaphansi kwengcindezi yokuthi asebenzisane nawo wonke okuyobe sekumuphuce amandla okuqhamuka nezinqumo ezivuna iPalestine.
Lokhu kungase kudale uqhekeko oluvele lubonakala phakathi kuka-Israel ne-United States of America (USA) yona ngaphansi kukaMengameli uJoseph Biden ifuna isixazululo sokuhlalisana ngokuthula phakathi kwePalestine ne-Israel.
IReligious Zionist Party iholwa uBezalel Smotrich owaxoshwa kwesokuba uNgqongqoshe Wezokuthutha ngowezi-2016 kulandela ukuhlela imibhikisho eyayibiza ubunkonkoni ngechilo.
Ngawo lo nyaka wabhala kuTwitter ethi uyakuseka ukwehlukaniswa phakathi kwabesifazane bakwa-Israel nabamaSulumane emawodini okubeletha.
Kulo mbhalo wabakhaca ngenhlamba abesifazane basePalestine wathi akafuni umfazi wakhe abelethele eduze kwabesifazane basePalestine umsebenzi wabo okuwukuzala izigilamkhuba namavukelambuso. Okunye akusho ukuthi ufuna u-Israel ubuswe ngokwenkolo yamaJuda engabuyekeziwe.
Le nkolo yabuyekezwa ngoba iqhakambisa imibono engemihle ngabokufika kanye nabesifazane. Adlelana naye kakhulu uSmotrich u-Itamar Ben Gvir ohola iqembu iJewish Power.
Leli qembu nalo lifuna i-Israel ibuswe ngokwezimiso zenkolo yamaJuda kanti linombono wokuthi angeke kwenzeka kahle lokhu ngaphandle ngokugudluzwa kwamaSulumane.
UBen Gvir waziwa ngokungayifihli injabulo yakhe ngesikhathi kudutshulwa kubulawa uNdunankulu uYitzhak Rabin ngowe-1995 ayemsola ngokuvuna abantu basePalestine ngokweqile.
Okunye aziwa ngakho ukumela wonke umuntu obekwa icala lodlame olubhekiswe kwabasePalestine kwazise ungummeli ngokweziqu zemfundo.
UNetanyahu naye uyaziwa ngenzondo anayo ngabasePalestine kodwa ingcindezi yamazwe nezinhlangano zomhlaba yiyo egcina imelusa, kodwa akungabazeki ukuthi angeke ananaza ukusebenzisana nalawa maqembu ngenhloso yokubuyela kwesobuNdunankulu.