Kuhlehle izingxoxo zokubuyisana ngenxa yeTaliban
UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
Usuhlehlile umhlangano wokukhumelana umlotha phakathi kukaHulumeni wase-Afghanistan neqembu lophumasilwe iTaliban. Lo mhlangano obekumele ube kusasa edolobheni laseTurkey e-Istanbul, ubuzodingida ukuthi kuzohlaliswana kanjani njengoba i-United States of America (USA) neNorth Atlantic Treaty Organization (NATO) sebethe bayayihoxisa imibutho yabo yezempi kuleli lizwe.
UMnyango Wezokuvikela eGermany uthe lokhu kungase kubambezele izinhlelo zokuhoxisa umbutho weNATO obekuhlelwe ukuthi uhoxe zizine ngoNtulikazi. Lezi izinyanga ezimbili ngaphambi kokuhoxa kwe-USA zili-11 kuMandulo. Zombili lezi zinhlaka zimemezele ngesonto eledlule ukuthi zizohoxisa wonke amasotsha ase-Afghanistan angama-13 000 kusukela lulunye kuNhlaba. Ukubhuntsha kwalo mhlangano kulandele ukuqala kwezigameko ezintsha zokuhlasela zeTaliban, okuyiyo eyakhelwe lo mhlangano. Leli qembu lophumasilwe lithi alizimisele ukuhlangana noHulumeni we-Afghanistan ngoba lo mhlangano usetshenziswa i-USA ukuzenza ngcono nokupenda bona njengabadali bothuthuva. Alukho usuku olusha lomhlangano olusakhishiwe.
Lo mhlangano ubuzoba ngaphansi kweso le-United Nations (UN), iTurkey neQatar. UNgqongqoshe Wezangaphandle eTurkey uMevlüt Çavuşoğlu, ubeka esinye isizathu sokuhlehla kwalo mhlangano njengoba ebeka ukuthi uhlehla ngoba le nyanga ingeyokuzila ukudla kwabenkolo yobuSulumane. Ngaphambi kwalesi simemezelo sokuhlehla komhlangano kuhlaselwe izimoto ebezihamba izikhulu zoMnyango Wokuphepha e-Afghanistan okusolakala ukuthi iTaliban ibizama ukuthumela umyalezo.
Abahlali bakuleli lizwe banovalo lokuthi kukhomba okuzokwenzeka uma yonke imibutho yokufika isihambile. I-UN ikhiphe isitatimende sokuthi umhlangano wayo neTaliban noHulumeni wase-Afghanistan uzoba ngolunye usuku lapho khona isimo sizobe sesisihle ukuthi kungaba nomhlangano oyimpumelelo. Okuze kube yimanje iTaliban iyenqaba ukuvuma ukuba yingxenye yalo mhlangano nakuba izwe okubhace kulo ubuholi baleli qembu iPakistan selizame kaningi ukuyinxenxa ukuthi ivume.
Isigungu sokubuyisana e-Afghanistan okuyiso esihlele lo mhlangano sisole iTaliban ngokungazimiseli. E-Islamabad, uNgqongqoshe Wezangaphandle ePakistan uShah Mehmood Qureshi, ugcizelele ukuthi izwe lakhe liyalweseka uhlelo lokukhumelana umlotha e-Afghanistan ngoba angeke kwalunga uma zingatholana phezulu izinhlaka ezingezwani. ITaliban ithi i-USA yephule isivumelwano sanyakenye esibalula ukuthi leli lizwe lizokhipha umbutho walo lulunye kuNhlaba.
UMengameli wase-USA uJoseph Biden Jr uluguqulile lolu hlelo wathi sekuyoba mhla zili-11 kuMandulo. Lesi sivumelwano iTaliban ekhala ngaso sasayindwa uDonald Trump esephuma kwesobuMengameli. Usuku olushiwo nguBiden luqondana neminyaka engama-20 i-USA yahlaselwa i-al Qaida eyayiholwa ngu-Osama bin Laden.
Yikho lokhu iTaliban ekhale ngakho esitatimendeni sayo sangeSonto lapho ibalula ukuthi i-Afghanistan isisetshenziswa uBiden ukufeza izinhloso zakhe kwezombusazwe wase-USA. Kulesi sitatimende leli qembu liphinde laveza nokuthi liyamangala ukuthi uBiden uze uthembisa ukuthi isivumelwano sokusebenzisana phakathi kwalo noHulumeni wase-Afghanistan ezinsukwini ezili-10 ngaphandle kokuxoxisana nalo.
EKabul, uHulumeni wase-Afghanistan uthi ubukulindele ukuhlehla komhlangano ngoba kwabona akaze bathole simemo kuwo kanti futhi abanye abebezoba ingxenye yawo abanazo ngisho nezimvumo zokungena eTurkey. Okhulumela uMnyango KaHulumeni e-USA uNed Price, uthi izwe lakhe lizoqhubeka nokuzama ukuletha ukuthula e-Afghanistan.
Kodwa, ucele ukuthi kukhunjulwe kakhulu ukuthi selokhu uBiden angena kwesobuMengameli uzimisele ngokuletha uzinzo, ukuthula kanye nenqubekela phambili e-Afghanistan. Okucacayo ukuthi ngaphandle kwe-USA, iQatar, iTurkey ne-UN izinhlaka ezibalulekile okuwuHulumeni wase-Afghanistan neTaliban bezingenaso isithombe esiphelele ngalo mhlangano.

