Kukhona okusina kumjeqeza uKhenyeza
ILamontville Golden Arrows isithathe isinqumo sokumbekezelela umqeqeshi wayo uMabhuti Khenyeza.
Lo mqeqeshi usedliwe imidlalo eyishumi ilandelana kuyo yonke imiqhudelwano.
Abafana Bes’thende selokhu bagcina ukunqoba umdlalo ngoMfumfu ngesikhathi bethela othulini iKaizer Chiefs ngo 2-1 eMpumalanga Stadium.
I-Arrows isishaywe Amazulu kabili, iRoyal AM, iCape Town City, iChippa United, i-Orlando Pirates, iTS Galaxy kathathu neSekhukhune United.
ElaboHlanga lithole izindaba zokuthi uSihlalo weqembu uMato Madlala uthathe isinqumo sokumnika elinye ithuba lokuvikela umsebenzi wakhe uKhenyeza.
“Yebo, kukhona ukukhathazeka eqenjini kodwa usisi uphinde wamnika elinye ithuba uMabhuti. Namuhla ebusuku nguyena ozobe ehlezi ebhentshini uma i-Arrows isibhekene neChiefs. Kukhona engike ngayizwa ikhulunyelwa phansi uma izinto zingalungi. Yena uyamthanda uMabhuti kodwa useqalile ukuqalaza umuntu angavala ngaye isikhala uma imiphumela ingashintshi,” kubeka umthombo ongaphakathi kuleli qembu.
UKhenyeza uthathe izintambo ngonyaka odlule kulandela ukuhamba kukaVusimuzi “Kanu” Vilakazi osecija iRichards Bay FC.
“Ingcindezi yona iyaqonga kuMabhuti. Namhlanje kumele enze isiqiniseko sokuthi okungenani iqembu alidliwa ngoba selidliwe kakhulu imidlalo ilandelana,” kusho umthombo.
Namuhla ngelesi-7.30 ebusuku, i-Arrows izodudulana neKaizer Chiefs emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium, eNasrec, eGoli.
Amakhosi nawo adonsa kanzima. Asanda kungena ehlazweni ekhishwa yiMilford FC edlala kuMotsepe Foundation Championship kuNedbank Cup.