Now Reading
Iseyinselelo eyezinga lonompempe kuleli
Dark Light

Iseyinselelo eyezinga lonompempe kuleli

Emhlabeni wonke jikelele akekho umuntu ongalenzi iphutha. Kodwa khona ovele ubone ukuthi ngathi iphutha lamasibomu, ngoba umuntu usuke ebona ukuthi lokho akwenzayo akufanele.

Ngeledlule ngibuke umdlalo wamanqamu womqhudelwano iMTN 8 obekutholene phezulu kuwona iCape Town City neMamelodi Sundowns. Lo mdlalo ububanjelwe eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Ubunabalandeli abayizinkulungwane ezi-2 nobekungokokuqala kusukela kwafika igciwane ukhuvethe ubuphethwe uThando Ndzandzeka (osesithombeni).

UNdzandzeka uwubambe kahle umdlalo, kodwa ungiphoxile lo nompempe ekugcineni ngesikhathi sekukhahlelwa amaphenathi. UDennis Onyango ongunozinti weSundowns ngeke ngamdlela umona ube iqhawe ebamba amaphenathi amahlanu.

Kodwa iqiniso lithi u-Onyango ongowokudabuka e-Uganda kumaphenathi awabambile ubesuka kuqala kulayini, nokuyinto leyo ehlezi ibhekwe kakhulu uma sekukhahlelwa amaphenathi. Kuwona wonke ungixakile uNdzandzeka nomsizi wakhe behlulwa ukuqalisa phansi ukaputeni weCape Town City uThamsanqa Mkhize iphenathi, akekho ongabonanga ukuthi u-Onyango wasuka kuqala.

Ngiphoxekile ngempela ngoba phela uma ukhuluma ngoNdzandzeka, ukhuluma ngonompempe okunguyena ophethe umklomelo weReferee of the Season wezi-2020/21 yeDStv Premiership.

Angisho ukuthi lokhu okwenziwe umdlali weCape Town City uMpho “Bibo” Makola kuyinto elungile. Akekho umuntu ofisayo ukuhlulwa ikakhulukazi emdlalweni wamanqamu. Yize ekugcineni kumele kunqobe oyedwa ngoba kusuke kuwumdlalo wamanqamu, kodwa akumele iqembu lihlulwe ngenxa yephutha likanompempe.

UMakola ubonakale ephusha uNdzandzeka ekhombisa ukudinwa. Baningi abakhombise ukungahambisani nesinqumo sakhe uBibo bethi ungumuntu omdala kunobhutshuzwayo. Kodwa namanje ngisasho akekho umuntu ofuna ukuhlulwa ikakhulukazi emdlalweni wamanqamu, naye iyona ndlela abekhombisa ukuphatheka kabi ngayo.

Kwenzeka lokhu nje nangesikhathi kutholene phezulu iKaizer Chiefs neSundowns kuLast 8 walo mqhudelwano, uKennedy Mweene weBrazillians (Sundowns) wavimba amaphenathi wayesuka kuqala kodwa wangajeziswa.

Ngaphandle kwephutha elenziwe ilo nompempe, kodwa ngithanda ukuhalalisela abaqeqeshi beSundowns abalapha eNingizimu Afrika uRhulani Mokoena, uManqoba “TV” Mnqithi noSteve “Mphathi” Kompela ngokuthi banqobe lo mqhudelwano. ISundowns ayikaze iwunqobe lo mqhudelwano kusukela waba iMTN 8.

Okungichaze kakhulu ukuthi bobabili abaqeqeshi akade bekulomdlalo abalapha eNingizimu Afrika, kuCape Town City kuqeqesha u-Eric Tinkler.

See Also

Ngeledlule kuputshuke ividiyo ekade kushawa kuyona unompempe kanye nalowo obizwa ngoMatch Commissioner. Kulowo mdlalo bekutholene phezulu uMvoti FC neClassic okungamaqembu agijima ku-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal.

Omunye wabaqeqeshi akade bebuka lo mdlalo usho isiZulu wathi usindile nje unompempe ukuthi abaleke uma kungenjalo aboMvoti FC bebezomqeda nya ngenduku.

Akuyona neze into ethusayo leyo ngoba isizini nesizini ku-ABC Motsepe League hhayi KwaZulu-Natal kuphela kodwa zonke izifundazwe onompempe bahlezi bexhopha amaqembu. Kuthi kuqala isizini kube kwaziwa ukuthi iliphi iqembu eliphushwayo, iliphi elicindezelwayo.

Lapha kuDStv Premiership akube khona into eyenziwayo eyisigwebo esiqinile konompempe ngoba le nto yehlisa isithunzi seligi yethu esivele sehlile nje ngezinto eziningi ezimbi.

Scroll To Top