Kubukeka befuna ukuyigeza bangayikhucululi insila yobugqila abaMaSheshi
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Isikhwama seChurch of England samaPound ayizigidi ezili-100 sokubhekana nensila yalo yomlando ekuhwebeni ngezigqila sincane kakhulu futhi kufanele sandiswe okungenani ngokuphindwe kashumi, kusho iqembu eliqaphayo eliholwa yinzalo yabantu base-Afrika ababeyizigqila ngoMsombuluko.
Leli qembu, eliqokwe yibandla ukuthi linikeze izeluleko zokuthi lingabhekana kanjani nomlando walo wezigqila, embikweni walo wangoMsombuluko lithe lesi sikhwama asenele uma siqhathaniswa nezinga lokucwasa okubangelwa ukutshalwa kwezimali kwayo esikhathini esidlule.
Ithe oKhomishana beBandla, abaphethe uphiko lokutshalwa kwezimali kweBandla lezi zigidi namuhla, ngokubambisana nabanye, kufanele batshale imali ethe xaxa.
Ephendula, inhloko yoKhomishana beSonto yathi, nakuba babelane “ngesifiso” sokwandisa isikhwama sibe ngamaphawundi ngesigidigidi esisodwa, amaphawundi ayizigidi eziyi-100 “ayewukuzibophezela okufanele kwezezimali” kulesi sigaba.
“Ithemba lethu ukuthi abanye bazosijoyina futhi batshale imali kanye nathi … futhi sithemba ukuthi isikhwama sizokhula, ngethemba, sifinyelele ezigidini eziyinkulungwane nangaphezulu, futhi sakhe ifa elihlala njalo,” kusho iSikhulu Esiphezulu uGareth Mostyn esithangamini sabezindaba.
UJustin Welby, uMbhishobhi Omkhulu waseCanterbury ophinde abe ngumholi ongokomoya weSidlo SaseSheshi emhlabeni wonke samaKhrestu angaba yizigidi ezingama-85, esitatimendeni esihambisana nombiko wathi umsebenzi weqembu lokuqondisa wawuyisiqalo “sokusabela kwezizukulwane eziningi ebubini obushaqisayo obenzeka”.
USobaba waseCroydon uRosemarie Mallett, onguSihlalo waleli qembu futhi oyinzalo yobugqila, uthe ukusebenzisa izincomo zombiko kuzokhombisa ukuzibophezela ohlelweni lokulapha nobulungiswa.
“Ayikho imali engakwazi ukuhlawulela noma ilungise ngokugcwele umthelela omude wokugqilazwa kwabantu base-Afrika, imiphumela yakho esazwakala emhlabeni wonke,” wengeza.
Leliqembu lasungulwa ngoNtulikazi ngoKhomishana beBandla ngemuva kwezambulo zokuthi owandulelayo, obizwa nge-Queen Anne’s Bounty, watshala imali enkulu eNkampanini yokuhweba ngezigqila iSouth Sea ngekhulu le-18. IBandla lithe lifuna ukulungisa amaphutha “alihlazo”.
Izikhungo ezinkulu zaseBrithani, kusukela emndenini wasebukhosini kuya eBhange LaseNgilandi, zinamagxabo ekuhwebeni ngezigqila eziwela i-Atlantic, kodwa abaholi bezwe baqhubeka nokungavumelani neziphakamiso zokuthi kube izinxephezelo thizeni.
Leli qembu lithe lesi sikhwama singasetshenziselwa ukutshala imali emabhizinisini aholwa ngabantu boHlanga okugxile kwezemfundo, ukufukulwa kwezomnotho kanye nemiphumela yezempilo, kanye nokuhlinzeka ngezibonelelo zokubhekana nezinkinga emiphakathini eyathikamezeka ngenxa yobugqila.
Iphinde yanxusa ukuthi kusheshiswe isikhathi sokutshalwa kwezimali. Ayikho imali esikhishiwe okwamanje.