Ngabe ungumashikizela ashiye impi yakhe owasePalestine
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNdunankulu wasePalestine uMohammad Shtayyeh uthe ngoMsombuluko uyasula ukuze avumele ukwakhiwa kokuvumelana okubanzi phakathi kwamaPalestine ngamalungiselelo ezepolitiki kulandela impi yakwa-Israeli neHamas eGaza.
Lesi sinyathelo siza phakathi nokukhula kwengcindezi yase-USA kuMengameli uMahmoud Abbas ukuba anyakazise iPalestine Authority njengoba imizamo yamazwe ngamazwe ishubile yokumisa ukulwa eGaza nokuqala umsebenzi wohlaka lwezepolitiki oluzobusa le ndawo ngemuva kwempi.
Ukwesula kwakhe kusafanele kwamukelwe u-Abbas, ongase amcele ukuthi ahlale njengobambile kuze kube kukhethwa ozothatha isikhundla ngokugcwele.
Esitatimendeni esithunyelwe kuKhabhinethi, uShtayyeh, isazi sezomnotho esithathe izintambo ngowezi-2019, uthe isigaba esilandelayo sizodinga ukubheka iqiniso elivelayo eGaza, ebhekene nosizi nokuwohloka kwengqalasizinda cishe izinyanga ezinhlanu zezimpi ezinzima.
Uthe isigaba esilandelayo “sizodinga izinhlelo ezintsha zikaHulumeni nezombangazwe ezibhekelela iqiniso elivelayo eGaza Strip, izingxoxo zobumbano lukazwelonke, kanye nesidingo esiphuthumayo sokuvumelana phakathi kwamaPalestina”. Ngaphezu kwalokho, kuzodinga “ukunwetshwa kwegunya leSigungu Seziphathimandla phezu komhlaba wonke, iPalestine”.
IPalestinian Authority, eyasungulwa eminyakeni engama-30 eyedlule ngaphansi kwezivumelwano zokuthula zesikhashana zase-Oslo, isebenzisa ukubusa okulinganiselwe ezingxenyeni ezithile zeWest Bank eyayidliwe kodwa yalahlekelwa amandla eGaza kulandela umzabalazo neHamas ngowezi-2007.
IFatah, iqembu elilawula iPA, kanye neHamas benze imizamo yokufinyelela esivumelwaneni ngohulumeni wobumbano futhi kulindeleke ukuthi bahlangane eMoscow ngoLwesithathu. Isikhulu esiphezulu seHamas sithe lesi sinyathelo kumele silandelwe yisivumelwano esibanzi mayelana nokubusa kwamaPalestine.
“Ukwesula kukaHulumeni kaShtayyeh kunomqondo kuphela uma kuhambisana nokuvumelana kwezwe ngamalungiselelo esigaba esilandelayo,” kusho iSikhulu Esiphezulu seHamas uSami Abu Zuhri sitshele abeReuters.
U-Israeli ufunge wagomela ukuthi uzoyicekela phansi iHamas futhi uthe ngezizathu zokuphepha, ngeke uvume ukubusa kwePalestinian Authority eGaza ngemuva kwempi. Kuze kube manje, cishe bayizi-30 000 abantu basePalestine asebebulewe empini yaseGaza, ngokusho kweziphathimandla zezempilo zasePalestine futhi cishe bonke abantu balahlekelwe amakhaya abo.
Umbuzo okhona manje uthi ngabe uNdunankulu ungamashikizela ashiye impi yakhe yini njengoba esula ngesikhathi impi idla lubi noma ukwesula kwakhe kuyisiqalo esihle sokuthola ukuthulu eGaza.