UJohnson usethayize wacela uxolo kubalandeli beChiefs
Usexolise ngokuphendula iKaizer Chiefs inhlekisa kuNedbank Cup umqeqeshi weChiefs uCavin Johnson.
Amakhosi athelwe othulini yiMilford egijima kuMotsepe Foundation Championship ngama-5/4 sekukhahlelwa amaphenathi ngeSonto ntambama eFNB Stadium, eNasrec, eGoli.
Umdlalo uphele kuyi-0 nhlangothi zombili ngemuva kwemizuzu eli-120.
“Siyaxolisa ezinkulungwaneni eziyishumi nesithupha ezeseka iqembu. Yebo, sibahlazile kodwa angingabazi ukuthi umdlalo bawubukile. Asidliwanga ngoba sibheda. Uze waphela umdlalo bengazange bemkhahlele unozinti wethu. Sizimisele ngokubuyisa isithunzi sethu ngokwenza kahle emidlalweni yeligi,” kushweleza uJohnson kubalandeli beqembu.
Amakhosi awaqali ukugilwa yiqembu elingaziwa. Phambili aseke agilwa yiFC Cape Town, i-University of Pretoria, iBaroka FC neTS Galaxy FC.
“Iqembu alibanga nosuku oluhle enkundleni. Umdlalo besiwuphethe uqala waze wayophela. Sidlale neqembu ebelizihlalele emuva imizuzu eli-120 yonke. Emizuzwini eyishumi yokuqala sakhe oqekelele abane. Sibuye sageja nephenathi. Naku-extra time siqhubekile nokwakhe amathuba kodwa sangawasebenzisa. Angazi ipali silishaye kangaki. Ekugcine sizithole sesidliwa kumaphenathi. Akuwona umphumela owamukelekile,” kuqhuba uJohnson.
IChiefs iyona ephethe izicoco eziningi zeNedbank Cup kusukela yasungulwa ngowe-1971. Isiyinqobe amahlandla ayishumi nantathu.
“Bezimisele ngokuqhubeka nerekhodi lethu elihle kulo mqhudelwano. Akusenani, sizovuka sizithathe. Sekumele sigxile emidlalweni yeligi manje. Uma nginganithatha nginiyise ezindlini zokushintsha nizobona badumele kangakanani.” kuphetha uJohnson.