I-UN ijezisa amavukelambuso ayisithupha aseCongo
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
I-United Nations Security Council izolo ijezise abantu abayisithupha abavela emaqenjini amahlanu ahlomile empumalanga yeDemocratic Republic of Congo (DRC) njengoba kubhebhetheka izingxabano phakathi kwamasosha aseCongo namavukelambuso aholwa yiM23 angowobuhlanga bamaTutsi asekelwa iRwanda.
Le mpi, esidonse amashumi eminyaka, inyuse ubungozi bokungqubuzana okuphelele phakathi kweCongo neRwanda okungase kudle omakhelwane kanye namasosha ezifunda okuhlanganisa iNingizimu Afrika, iBurundi, i-Uganda, iTanzania kanye neMalawi.
“I-USA iyabusekela ngokuqinile ubuzwe nobuqotho beDRC kanye nokuthula okuhlala njalo kubo bonke abantu baseCongo. IRwanda kanye neDRC kumele bahlehle onqenqemeni lwempi,” kusho iPhini leNxusa lase-USA ku-UN uRobert Wood emhlanganweni woMkhandlu Wezokuphepha onamalungu ali-15 izolo.
Ikomidi lezonswinyo loMkhandlu Wezokuphepha eDRC labekela abaholi ababili be-Allied Democratic Forces (ADF) oyedwa weqembu elihlomile laseTwirwaneho kanye noyedwa oqhamuka kumavukela mbuso iNational Peoples Coalition for the Soverignty of Congo (CNPSC) unswinyo lwezikhali, ukuvinjelwa kokuhamba kanye nokumiswa kokusebenzisa impahla.
Abanye abengezwe ohlwini lwe-UN ngumkhulumeli wezempi wamavukelambuso eM23 esekelwa iRwanda kanye nomholi weDemocratic Forces for the Liberation of Rwanda (FDLR), eyasungulwa abohlanga lwamaHutu abaleka eRwanda ngemuva kokuba nengxenye ekubulaweni kohlanga ngowe-1994. angaphezu kwezi-800 000 amaTutsi namaHutu.
“Laba bantu banamacala ohlukumeza amaningi,” kusho uWood mayelana nabayisithupha abajezisiwe.
Ibutho le-UN eligcina ukuthula elaziwa ngeMONUSCO, selitshalwe eCongo iminyaka engaphezu kweli-13 ngemuva kokuthatha izintambo zohlelo lwangaphambilini lwe-UN ngowezi-2010 ukusiza ukuqeda ukungavikeleki empumalanga yaleli lizwe elimaphakathi ne-Afrika.
UMkhandlu Wezokuphepha we-UN ugunyaze ukuphela komkhankaso ngoZibandlela kulandela isicelo sikaMongameli waseCongo uFelix Tshisekedi ngoMandulo sokusheshisa ukuhoxiswa kwamasosha agcina ukuthula.