Now Reading
Usethi khumu uSihlalo we-African Union
Dark Light

Usethi khumu uSihlalo we-African Union

NGALESI sikhathi kunomkhankaso wokuthi loyo owabe engumnyeni wakhe nonguMengemali wezwe ehle esikhundleni, uMhlonishwa uNkosazana Dlamini Zuma onguSihlalo we-African Union (AU) usekuqinisekisile ukuthi uzokwehla esikhundleni njengosihlalo. Lokhu kuqinisekiswe yiHhovisi lakhe ngomlomo kaMnu uJacob Enoh Eben othe uMhlonishwa uDlamini-Zuma akalibhalisanga igama lakhe ohlwini lwalabo abazongenela lesi sikhundla.

Lesi simemezelo siqinisekise amahlebezi okuthi uMhlonishwa uDlamini-Zuma nguye ongase abe yindlamvuzo okhethweni lwe-African National Congress (ANC) oluzayo ngonyaka wezi-2017. La mahlebezi kawamasha ngoba ukukhuluma kwangaphakathi ku-ANC kuthi le nhlangano ingase iqome ukuba noMengameli wokuqala wesifazane ngonyaka ozayo. Uma lokhu kuliqisiniso, kungasho ukuthi umkhankaso wokuthatha kuMnu uZuma uzoqala kulo nyaka nokuthi ikusasa laloyo onguSekela Mengameli uMnu uCyril Ramaphosa lingase libe luvindi. Umthetho ongabhaliwe phansi ku-ANC uthi loyo olisekela uba semathubeni amahle okuthatha izintambo njengoba kwenzeka kuMengameli uZuma kanye nowaye nguMengameli uThabo Mbeki.

UMhlonishwa uDlamini Zuma ungomunye wabaholi asebenamava ekusebenzeni kuhulumeni. Waqala njengoNgqongqoshe Wezempilo ngaphansi kweKhabhinethi likaMengameli uMandela kwathi ngaphansi kukaMengameli uMbeki waba nguNgqongqoshe Wezamazwe Ngamazwe okuthe ngaphansi kukaMengameli uZuma waphatha uMnyango Wezasekhaya. Waqopha umlando ngokuthi abe ngowesifazane wokuqala ukuba athathe isikhundla sikaSihlalo we-African Union.

See Also

Yize kungekho ophumela obala kubukeka isifundazwe avela kuso iKwaZulu-Natal yenza isiqiniseko sokuthi lo mholi akapheli emehlweni abantu njengoba kuvamisile ukuthi uma kunemicimbi emikhulu ye-ANC abe yisikhulumi esiqavile. Amathuba okuthi aqokwe njengoMengameli wokuqala we-ANC makhulu kwazise njengoba ebeseTopiya akabange esathelwa wudaka lwezimpi zangaphakathi ku-ANC. Omunye obebukwa kulesi sikhundla yiloyo onguSihlalo kaZwelonke we-ANC nonguSomlomo wePhalamdne uMhlonishwa uBaleka Mbete. Nokho amathuba akhe aya ngokwehla ngenxa yezingqinamba abhekene nazo njengoSomlomo.

Scroll To Top