Uxwayisa ngokuba negqabho umgadli weBafana
Akafuni bazikhukhumeze umgadli weBafana Bafana u-Evidence Makgopa.
IBafana idlulele kuma-quarterfinal e-Africa Cup of Nations (Afcon) kulandela ukumangaza iMorocco ebithwelwe ngeqoma ku-last 16.
Elakuleli linqobe ngo 2-0 ngamagoli kaMakgopa nelikaTeboho Mokoena.
I-Atlas Lions ikleliswe endaweni yokuqala e-Afrika. Emhlabeni iyibambe endaweni yeshumi nantathu. Muva nje isanda kuqokwa njengeqembu lesizwe elivelele e-Afrika.
Ngaphezu kwalokho ifinyelele kowandulela amanqamu eNdebe YoMhlaba ngowezi-2022 eQatar.
Exoxa nethimba lezokuxhumana kuSafa, uMakgopa udonse ozakwabo ngendlela ukuthi bangazithwali.
“Kumele sibhekise amakhanda phansi sigxile emdlalweni olandelayo bese sikhohlwa yilo odlule. Umdlalo odlule usufuna nomlando kithina,” kuchaza lo mgadli we-Orlando Pirates.
IBafana izobhekana neCape Verde ngoMgqibelo ngo-10 ebusuku eStade Charles Konan Banny Yamoussoukro emdlalweni we-quarterfinal yesine.
“Kumele senze kangcono kunalokhu esikwenze ngomdlalo odlule. Nami ngizimisele ngokwenza kangcono emdlalweni olandelayo. Ngeke silokhu sigxila kakhulu emphumeleni odlule.” kusho uMakgopa.
Lolu nkonko lo mgadli seluyiqale yonke imidlalo yeBafana. Kowokuqala watholela iBafana iphenathi kwathi kowesibili wakha igoli lesithathu leBafana. Ku-Last 16, uMakgopa ushaye igoli elimqoka iBafana iguqisa iMorocco ku-last 16.