Ungene emabhukwini omlando uSinner
Uzifake emlandweni uJanniker Sinner odabuka kwelaseMelika equmba phansi uDaniil Medvedev kowamanqamu we-Australian Open obuseRod Laver Arena.
USinner ubuye sekuvalwe amehlo kumdlalo obuthanyelwe yizinkumbi zabalandeli bebhola lomphebezo emhlabeni jikelele. Lo mdlali oneminyaka engamashumi amabili nesikhombisa ubelandela emuva ngamasethi amabili.
Kweyokuqala uguqe ngo 6-3 kwathi kweyesibili waphinda wakhala ngaphansi ngawo u 6-3. UMedvedev ubesedinga isethi eyodwa ukuze aphakamisa isicoco se-Australian Open.
Nokho uSinner uvuke umbejazana kumasethi amathathu okugcina. Kweyesine ubezidlulele ngehubo ephumelela ngo 6-4.
Lesi siphekepheke somdlali obengasafuni lutho. Uphinde wanqoba isethi yesine ngo 6-4. Kwesethi yokugcina bese kushubile kwazise obezonqoba ubezokhala emuke nesicoco.
USinner unqobe ngo 6-3 kuchwaza inkundla. Ubeqala ukunqoba isicoco esikhulu empilweni yakhe. UMedvedev ubegaqele isicoco sakhe sesibili esikhulu nesokuqala se-Australian Open.
Njengamanje uMedvedev usedliwe imidlalo emithathu ilandelana kowamanqamu we-Australian Open.
USinner wenze ezibukwayo kulo mqhudelwano ekhipha izinkunzi zabadlali. Kowandulela amanqamu uthela othulini uNovak Djokovic. Uqede nya ukucanasa kwalo mdlalo kulo mqhudelwano. Ubesedlale imidlalo engama-33 ilandelana engayazi induku. Kusukela ngowezi-2018 obengayazi induku ku-Australian Open.