Now Reading
Imiphumela iyaqhubeka nokuphika izimfivilithi kwi-Afcon
Dark Light

Imiphumela iyaqhubeka nokuphika izimfivilithi kwi-Afcon

Ukuzimisela kwayo uqala umdlalo iCape Verde kuyilekelelile ekutheni igcina ithola amaphuzu aphelele emdlalweni wayo wokuqala we-African Cup of Nations (Afcon).

ICape Verde ibitholene phezulu neGhana inqobe ngamagoli amabili kwelilodwa, emdlaweni obubanjelwe eStade Felix Houphouet-Boigny Stadium izolo kusihlwa.

Isiwombe sokuqala sikuvezile ukuthi iBlue Sharks (Cape Verde), ayinendaba nomlando weGhana kwi-Afcon esinqobe lo mqhudelwano amahlandla amane.

Indlela ebidlala ngayo ikhombise ukuthi iwafuna ephelele amaphuzu, ngoba ibidlala ibhola eliya phambili nokuthe ngomzuzu we-17 yathola igoli uJamino Monteiro.

Esiwombeni sesibili ibuyile iGhana yalinganisa ngelika-Alexander Djiku ngomzuzu wama-56.

Ngesikhathi abalandeli sebezitshela ukuthi lamzwe azocabelana amaphuzu, uGarry Rodriguez weBlue Sharks walivalela phakathi sekuyisikhathi esingezwe unompempe.

IBlue Sharks ukunqoba kwayo kusho ukuthi iqhubekile nomlando omuhle wokungahlulwa emdlalweni wokuqala kulo mqhudelwano. Kumdlalo wokuqala ize isanqobe kanye yadlala ngokulingana kabili.

Iyona ehlezi phezulu esicongweni kuqoqo B, kwazise i-Egypt idlale ngokulingana neMozambique.

See Also

Nayo iGibhithe ishaye elokulinganisa ngomzuzu wokugcina nokube iphenathi evalelwe phakathi uMohamed Salah, umdlalo waphela zibambene ngamagoli amabili.

IGhana umdlalo olandelayo izotholana phezulu neGibhithe ngoLwesine ngehora le-10 kusihlwa.

IBlue Sharks yona izodlala neMozambique ethathe izinhliziyo zabantu eziningi ngokudlala ibhola elihle. Lo mdlalo uzoba ngoLwesihlanu ngehora lesine ntambama.

Omunye umdlalo obuyizolo iNigeria idlale ngokulingana ne-Equatorial Guinea.

Scroll To Top