Udalula imfihlo eyenza abesefomini uKlaasen


Uphumela obala ngokudlondlobala kwakhe njengomdlali uHeinrich Klaasen owenze into yamehlo eHollywoodbets Kingsmead Cricket Ground izolo ebusuku.
UKlaasen ubevutha engabaselwe nngesikhathi eweza ezakhe iDurban Super Giant ngelibanzi zibhekene Mumbai Cape Town emdlalweni weSA20 eThekwini.
EzikaKlaasen bezijaha isibalo sama-runs angama-207 ukuze ziphumelele. Lo mdlali obuye adlalele amaProteas uvuke umbhejazana eshaya ibhola liyobanjwa ezinhlweleni.
Ushaye ama-runs angama-85 emabholeni angama-35 okwenze wagcina eqokwa njengomdlali ovelele ekupheleni komdlalo.
Exoxa nabezindaba ngemuva komdlalo eThekwini udalule ukwenza angaconsi phansi kubalandeli.
“Ngibahlunge kahle abashwibi ebengifuna ukuthola ama-runs kubona. Ngiyacabanga ukuthi lokho sekuyizinkomba sokuthi ukhakhayi seluqinile (kimina),” kubeka uKlaasen.
UKlassen usanda kumemezela ukuthi usethatha umhlalaphansi ekudlaleni imidlalo yama-Test eqenjini lesizwe.
“Kulezi zinsuku ama-spinner ngijabulela kabi ukubhekana nawo. Namhlanje (ngoLwesine) kungisebenzele. Ngikuthakasela kabi ukubhekana nabo ngoba kwesinye isikhathi ngibuye ngibona sengathi bayasaba ukubhekana nami. Kulapho-ke ngiliqumuza khona,” kuchaza uKlaasen.
IDurban Super Giant isizobhekana neSunrise Eastern Cape kusasa ngo-5.30 ntambama eSt George’s Oval eGqeberha emdlalweni.
“Into ebalulekile wukuthi siqhubeke ngalo mgqigqo omuhle esiqale. Into engiphoxile nje wukuthi angizange ngikwazile ukuhlala enkundleni kuze kuphele umdlalo. Kuyangidina ukuphuma ngalola hlobo,” kusho uKlaasen.
Ugcine ekhishwe nguKagiso Rabada ezama ukushaya omunye u-6. Ngemuva kwalokho umdlalo uphazanyiswe imvula. IDSG igcine inqobe ngama-run ali-11 ngohlelo lweDuck-Worth-Lewis Method.