Ndlelanhle Nkomose









ElaboHlanga libungaza iqhaza lengqalabutho yomthwebuli wakuleli elibekwe endlini yalo yokugcina izolo uDkt Peter Magubane.
USothole owaziwa kakhulu ngomsebenzi wakhe njengomthwebuli nesishoshovu samalungelo abantu ikakhulu ngesikhathi sobandlululo, wazalwa mhla ziyi-18 kuMasingana ngowezi-1932 endaweni yaseVrededorp manje eseyaziwa ngokuthi iPageview. Uke wasebenza njengomthwebuli waloyo owaba nguMengameli wokuqala omnyama eNingizimu Afrika uMnu Nelson Mandela.
Uqale ukusebenza njengomthwebuli kusukela ngonyaka wezi-1956 kumagazine weDrum ngemumva kokuqashwa kuwo njengomshayeli. Kuthe ngemumva kwezinyanga eziyisithupha ethunywa ngapha nangapha njengomshayeli, wathunywa okokuqala ukuba ayothwebula ingqungquthela kaKhongolose yangowezi-1955 ngaphansi kweso likaJurgen Schardeberg. Izithombe azithatha kulengqungquthela zamgqugquzela ukuba agxile kulomkhakha.
Ukuthunywa ukuba ayothwebula ezindaweni ezahlukene kwabe kuwumqansa, kwazise abathwebuli babebuye bangavunyelwa ukuba baphathe amakhamera esidlangalaleni, bevinjwa ngamaphoyisa. Lokhu kwamnikeza umqondo wokuba ayifihle ikhamera ngandlela-thizeni ukuze ezothola izithombe azifunayo.
Kwesinye sezigameko wake waphoqeleka ukuba afihle ikhamera ngencwadi enomlomo obomvu, iBhayibheli belu, amakhasi ehleshuliwe ngaphakathi. Intambo okuyiyo ayeyisebenzisa ukuqhafaza yayixhunywe kuyo ikhamera yase yehla eyoyiveza ephaketheni lebhulukwe ukuze kungabonakali akwenzayo. Kwesinye isigameko wayeyifake kulofu wesinkwa, eveze iso layo ikhamera, ngendlela yokuthi obukayo ezocabanga ukuthi uzidlela isinkwa kanti uyathwebula.
Lezi ngezinye zezindlela zobuchule okaNkomose ayekwazi ngayo ukuthola imifanekiso enembayo neyayiveza unya lwabacindezeli nokuhlukunyezwa kwabohlanga ezindaweni ezahlukene ayezihambela njengomthwebuli.
Umsebenzi kaDkt Magubane sewukhonjiswe emazweni ahlukahlukene futhi wahlonishwa nangeqhaza lakhe ekulweni nobandlululo ngalendlela. Izigameko ezidumile azithwebula zihlanganisa iSharpville ngowe-1960 necala likaMnu Nelson Mandela ngowezi-1964.
Ebuzwa uzakwabo ukuthi yini eyenza angazithwebuli izithombe ezisondele (close-ups), wayehleze ethi akafuni ukuzithola enengcindezi ngenxa yokuzwela kwenhliziyo kwazise wayehleze ebhekene nomqansa wokuba sezindaweni ezazinezidumbu nabantu abalimele kanzima.
Mningi umlando okaNkomose akwazile ukuwuqopha ngethuluzi lakhe, nobe nelikhulu iqhaza kwinkululeko yabohlanga. Yingakho Elabohlanga lihlonipha lengqalabutho ngalesi sikhathi. Sithi Ndlelanhle Mzilankatha. Nkomose!
Olunye ulwazi lucashunwe kwidokhumenthari engaye uDkt Peter Magubane, esihloko esithi “Dying ToTell The Story” yangowezi-1998.