Now Reading
USono uxwayisa uMokwena ngolaka olungadicilela isithunzi sakhe
Dark Light

USono uxwayisa uMokwena ngolaka olungadicilela isithunzi sakhe

Kuxwayiswa umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena ngendlela yokuziphatha.

Lesi seluleko siqhamuka kuyise omdala uJomo Sono. UMokwena uzalwa nguJulius Sono ongumfowabo omncane kaJomo obizwa ngenkosi yebhola eNingizimu Afrika.

UMokwena usanda kuhilizisana kabi nomqeqeshi waMaZulu uPablo Martin kwashunqa uthuli ezinsukwini ngesikhathi iSundowns ibhekene noSuthu koweligi.

Exoxa nelaboHlanga uSono udonse undodana wakhe ngendlela ngokuthi angalinge avumele izitha zidicilele igama lakhe aselisebenzele kanzima.

“Ikusasa likaRhulani liqhakazile ngendlela eyisimanga. Ukwesekwa akuthola emndenini wakwaMotsepe kuzokwenza engabambeki eNingizimu Afrika. Bameseka ngayo yonke indlela nangayo yonke into ayidungayo ukuze aphumelele. Amaphini akhe futhi ngamaphini akhaliphile kanti aseqophelweni eliphezulu. Uyobanjwa kude uRhulani. Into okumele ayiqaphele wukuthi impumelelo ingamdidi ikhanda,” kululeka uSono.

UMokwena usanda kunqoba iligi njengomqeqeshi weSundowns ozimile. Uphinde walamanisa lesi sicoco ngese-African Football League (AFL).

“Kulo mhlaba esiphila kuwona kunenqwaba yabantu abanomona. Omunye uvele akuzonde nje engazi ukuthi ukuzondelani. Umhlaba esiphila kuwona unjalo-ke,” kuqhuba uSono.

Kumanje uMokwena uhlezi esicongweni kweyamaqoqo eCaf Champions League. NakuDSTV Premiership uyibambe phezulu.

See Also

“Ngike ngabona isigameko bedlala naMaZulu befuna ukulwa nomqeqeshi wawo. Kumqoka ukuthi azibheke kahle bese ezitshela ukuthi mkhulu kunalabantu ngakho asikho isidingo sokuhilizisana nabo ngamazwi. Usenze izinto ezinkulu ngaphezu kwabo ngakho akabakweleti. Abanye babo abakaze bawine lutho. Akabayeke babange umsindo njengomasikito. Uke ubona uma ulele, umasikito ubanga umsindo noma kuphi. Kumele abathathe njengomasikito, angazikhathazi kakhulu ngabo,” kulandisa uSono owacija iBafana ku-Africa Cup of Nations ngo-1998 eBurkina Faso idliwa kowamanqamu.

UMokwena usethubeni elihle ngowokuqopha umlando wokudlala isizini yonke engayazi induku emidlalweni yeligi kule sizini.

“Angazixaki ngokulwa ebhentshini. Angaze abulale konke okuhle asekwenzile. Sihlalile emabhentshini sathukwa ngezinhlamba ezinkulu kodwa asikaze silwe,” kuphetha uSono.

Scroll To Top