Now Reading
Isandla semfene noma yimvelo?
Dark Light

Isandla semfene noma yimvelo?

I-National Electoral Commission yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) ithi kuqubuke umlilo kwenye yezindawo zayo  zokugcina izimpahla esifundazweni esisentshonalanga iMai-Ndombe kwacekeleka phansi amakhulu emishini yokuvota obekuhloswe ukuthi isetshenziswe okhethweni oluhlelelwe uZibandlela zingama-20.

Iziphathimandla ziphakamise ukuthi kwenziwe uphenyo ukuze kutholakale imbangela yomlilo oqubuke ebusuku endaweni yokugcina izimpahla edolobheni laseBolobo esifundazweni sase-DRC entshonalanga, iMai-Ndombe.

Izikhulu ze-Independent Electoral Commission zithi lomlilo ushise imishini yokuvota eyi-163 kanye nezindawo zokuvota ezingaphezu kwe-100. Namanje akukacaci noma lesigameko besihleliwe noma bekuyimvelo noma yiphutha thizeni.

Lomlilo uqubuke  emasontweni amathathu ngaphambi kokuthi i-DRC ibambe ukhetho lwayo lukamengameli. Ukuvota kuzokwenziwa phakathi kwezingxabano eziqhubekayo empumalanga yezwe. Amasosha kahulumeni alwa namavukelambuso e-M23 athumba izindawo eziningi esifundazweni iNorth Kivu.

See Also

Bangaphezu kwezi-6 000 abantu ababalekile emakhaya abo njengoba kunezimpi esigodini iKilolirwe bayobhaca edolobheni iSake. Iziphathimandla zendawo zithi zidinga ukudla, indawo yokuhlala kanye nemithi.

Kwezinye izindaba, amabutho ahlomile angaphezu kwe-100 empumalanga ye-DRC avumile ukubeka phansi izikhali njengengxenye yemizamo yokuthula eqalwe nguhulumeni. Amabutho ahlomile avela eqenjini lamavukelambuso e-Mai-Mai endaweni yaseLubero.

Scroll To Top