ICameroon ethubeni lomlando


Izibeke ethubeni elihle lokulandela ezinyathelweni zamazwe akhethekile aseke ahlabana ngesicoco se-Africa Cup of Nations (Afcon) ekubeni engosokhaya iCameroon esingethe lomqhudelwano. Ngemuva kwemidlalo emithathu yamaqoqo i-Indomitable Lions ayiyazi induku.
Inqobe imidlalo emithathu yase idlala ngokulingana kowodwa. Kowokuvula qumbe phansi iBurkina Faso ngo 2-1 kwathi kowesibili, yabhaxabula i-Ethiopia ngo 4-1. Kowokugcina ibambane neCape Verde ngo 1-1.
ICameroon iqede endaweni yokuqala kwiqoqo A ngamaphuzu ayisikhombisa. Njengamanje isisesigabeni somkhumulajezi iLast 16 lapho izotholana khona phezulu neComoros, lo mdlalo uzokuba ngoMsombuluko ePaul Biya Stadium, Olembe.
ICameroon isethubeni elihle lokulandela ezinyathelweni zamazwe afana nelaseGibhithe eyanqoba lo mqhudelwano ngowe-1959, 1986 nangowezi-2006, iNingizimu Afrika (1996), Ghana (1978, 1963), Tunisia, Algeria (1990), Nigeria (1980), Sudan (1970) ne-Ethiopia (1962) bonke abadla umhlanganiso ku-Afcon njengosokhaya.
URoger Fetumba waseCameroon owaduma kuMamelodi Sundowns utshele elaboHlanga engxoxweni ekhethekile naleli phephandaba ukuthi ama-Indomitable Lions asethubeni lomlando.
“ICameroon yenza okufanele. Uma udlala imiqhudelwano efana nale into emqoka wukuthola imiphumela. Okwamanje iCameroon ayikadlali ibhola eliseqophelweni eliphezulu kodwa okuhle wukuthi noma ingadlali ingcwenga yebhola kodwa iyakwazi ukuthola imiphumela. Okungichazayo wukuthi abalibheki ipali. Umgqigqo webhola elihle bazowuthola phakathi nawo umqhudelwano. Lokho kuzobenza babe yingozi kakhulu,” kubeka uFetumba.
Ngowe-1990, uFetumba wayeyingxenye yeqembu lesizwe laseCameroon elabamba iqhaza eNdebeni yoMhlaba naku-Afcon. Akazange asale ngaphandle naku-Afcon ngo-1992.
“ICameroon ingawunqoba lo mqhudelwano. Ike yawunqoba phambili. Namanje ingaphinda ekwenze ngo-2017. Nakhona akekho owayeyibhekile. Nangesikhathi kuqala umqhudelwano akekho obeyinakile kodwa ngemuva kwemidlalo emithathu isimo sesihlukile. Angeke kubelula ngoba ingcindezi isuke inkulu njengeqembu elisingethe umqhudelwano. Nokho fanele ukudlala ekhaya bakwenze kuvune bona,” kuchaza uFetumba.
ICameroon ibalwa namazwe anezicoco eziningi emlandweni we-Afcon. Isiyinqobe i-Afcon amahlandla amahlanu.
Ibalwa nengcosana yamaqembu aseke avikela ngempumelelo isicoco se-Afcon. Yasiphakamisa ngowezi-2000 eGhana naseNigeria kwathi ngo-2002 yasivikela eMali.
Amanye amazwe aseke avikela isicoco se-Afcon kukhona elaseGibhethe kathathu (1957, 1959, 2006, 2008 nango-2010), elaseGhana (ngo-1963 nango-1965).
“Umzuliswano wesibili angeke ubelula ngoba kuzobe sekusele izinkunzi zamazwe. ICameroon kumele siyishayele izandla ngesikwenzile kuze kube yimanje. Yilona izwe elisenza kahle kanjalo neNigeria,” kulandisa uFetumba.
ICameroon uma ingadla ubhedu kulo nyaka izovala igebe phakathi kwayo nelaseGibhithe.
I-Egypt iyona ephethe izicoco eziningi ze-Afcon. Isinqobe eziyisikhombisa kanti ama-Indomitable Lions ashaya ngezinhlanu.
“ICameroon inalo ithuba lokunqoba lomqhudelwano. Okuhle wukuthi banaso isipiliyoni sokuwunqoba. Bayakwazi okudingakalayo ukuze bafinyelele kowamanqamu,” kuphetha uFetumba.