OweSpar Proteas ubalisa ngokuguqiswa ngamaNgisi
Usale ebalisa umqeqeshi weSpar Proteas uNorma Plummer ezakhe ziguqiswa amaNgisi eManchester emdlalweni wokuqala kuchungechunge lwemidlalo emithathu yala mazwe abalwa nezinkunzi emhlabeni ebholeni lomnqakiswano.
AmaNgisi anqobe ngo 54-51 kulo mdlalo obuvutha bhe ngoLwesibili ebusuku. Elakuleli alizange liqale kahle. Liguqile ngesiwombe sokuqala nesesibili kwathi ngesesithathu nesokugcina labuya ngamandla.
AmaNgisi agcine ebekezelile ngesiwombe sokugcina aphumelela ngo 54-51. Ngemuva komdlalo uPlummer ukhale ngamaphutha amancane enziwa ngezakhe.
“Nginezikhawu lapho silahle khona ibhola kalula ezindaweni ezimqoka uma sihlasela. Amaphutha afuze lawa kumele siwagweme ikakhulukazi uma sidlala nezwe eliqine njengamaNgisi. Ibhola lomnqakiswano linjalo-ke. Sizofunda ngamaphutha ethu. Ngesiwombe sokuqala sizidlise thina ngenxa yobudedengu. Kujabulisile ukubona ezakhe zilwa ngasekupheleni komdlalo,” kusho uPlummer oseke wanqoba iNdebe yoMhlaba yebhola lomnqakiswano neqembu lesizwe lase-Australia.
AmaProteas akhale ngaphansi ngesiwombe sokuqala (30-22) kwathi ngesesithathu anqoba ngo 16-15. Kwesokugcina iNingizimu Afrika iphumelele ngo 15-11 kodwa amaNgisi alanyulelwa wukuthi aqale kahle.
“Ibhola esidlala ngalo lihlukile kodwa bazojwayela. Ngicabanga ukuthi sebezokuqonda kangcono ukuthi kungani besithi ibhola abaliphakamise kakhulu. Iqembu lethu linekhono eliyisimanga,” kusho uPlummer.
La mazwe azobhekana emdlalweni wesibili ozoba seNottingham ngoMgqibelo ngehora lesikhombisa ebusuku. Owokugcina uzodlalelwa enkundleni efanayo ngeSonto ngelesi-5 ntambama.
“Kulezi zinsuku ezizayo sizoqinisa kakhulu ubudlelwano bethu uma sisenkundleni. Kubalulekile ukulwelana uma sisenkundleni njengeqembu. Iqembu lethu alililahli ithemba. Lilwa kuze kube yisekugcineni. Lokhu kucacile ngesiwombe sesithathu nesesine. Banyuse isivinini abadlali ngaso baphinde baphaselana kahle. Ngemuva kwalokho bese beshibilika,” kucacisa uPlummer.
Umdlalo ubuthanyelwe abalandeli abayizinkulungwane eziyisishiyagalombili eManchester.
“Singenza noma yini esihlose ukuyenza uma singaxhumana kahle enkundleni, sikholelwe kithina.” kuphetha uPlummer.