Now Reading
Ngaphandle kwenganono sekukapake nezifo eGaza
Dark Light

Ngaphandle kwenganono sekukapake nezifo eGaza

Baningi abantu abangabulawa yizifo kwiGaza Strip kunokuqhuma kwamabhomu kulendawo uma uhlelo lwezempilo lungalungiswa, kusho okhulumela iWorld Health Organisation ngoLwesibili, exwayisa ngokwanda kwezifo ezithathelanayo kanye nesifo sohudo ezinganeni.

Ezibalweni ezithathwa njengezethembekile yiNhlangano Yezizwe Ezihlangene( United Nations), iziphathimandla zezempilo eGaza zithi bangaphezu kwezi-15 000 abantu asebeqinisekisiwe ukuthi babulewe ngesikhathi kuqhunyiswa amabhomu kwa-Israel kule ndawo ewumngcingo, cishe ama-40% wabo okuyizingane, kanti abaningi kusanokwesaba ukuthi basavaleleke ngaphansi kwemfucumfucu.

I-Israel yafunga ukuthi izovala ngehlahla kwi-Hamas, okuyiqembu elibusa iGaza, ngemuva kokuthi oshayasibhamu bayo babhodloze emngceleni babulala abantu ababalelwa kwizi-1 200 bathumba ababntu abangama-240 ngoMfumfu ziyisi-7. “Ekugcineni sizobona abantu abaningi bebulawa yizifo kunalokho esikubona ngokuqhunyiswa kwamabhomu uma singakwazi ukubuyisela (ndawonye) lolu hlelo lwezempilo,” kusho uMargaret Harris we-WHO esithangamini se-UN eGeneva.

Uphinde waveza ukukhathazeka kwakhe ngokukhuphuka kokuqubuka kwezifo ezithathelanayo, ikakhulukazi isifo sohudo ezinganeni, kanti isibalo salabo abaneminyaka emihlanu nangaphezulu akhuphukela emazingeni ajwayelekile angaphezu kwekhulu ekuqaleni kukaLwezi. “Wonke umuntu yonke indawo unezidingo zempilo ezibucayi manje ngoba babulawa indlala ngoba abanawo amanzi ahlanzekile futhi (baminyene) ndawonye,” kusho yena.

UJames Elder, okhulumela i-UN Children’s Agency eGaza, utshele abezindaba nge-videolink ukuthi izibhedlela ezikulesi siqeshana zigcwele izingane ezishile namanxeba okubhoboza kanye ne-gastroenteritis ngenxa yokuphuza amanzi angcolile. “Ngahlangana nabazali abaningi… Bazi kahle ukuthi izingane zabo zidingani. Abawatholi amanzi aphephile futhi ayabakhubaza,” kusho lomkhulumeli.

Uchaze ngokubona ingane eyodwa nengxenye yomlenze wayo ungekho ilele phansi esibhedlela amahora ambalwa, ingalutholi usizo ngenxa yokuntula abasebenzi bezempilo. Ezinye izingane ezilimele bezilele komatilasi besikhashana ezindaweni zokupaka izimoto nasezingadini ngaphandle, esho.

“Yonke indawo odokotela kufanele bathathe izinqumo ezihlasimulisa umzimba uyazi ukuthi ubani ababeka phambili,” usho kanje.

See Also

Ecaphuna umbiko we-UN mayelana nezimo zokuphila zezakhamuzi ezaxoshwa enyakatho yeGaza, uHarris wathi: “(Ayikho) imithi, akukho misebenzi yokugoma, akukho manzi aphephile nenhlanzeko kanye nokudla. Sibone siphezulu kakhulu isibalo sezifo zohudo ezinganeni ezisanda kuzalwa,” kusho yena.

Uchaze uqhunyiswa ngebhomu kwesibhedlela i-Al Shifa enyakatho yeGaza “njengenhlekelele” futhi wezwakalisa nokukhathazeka ngokuboshwa kwabasebenzi baso bezokwelapha ngamasosha akwa-Israel ngesikhathi kuqhubeka uhide lwe-WHO.

Cishe izingxenye ezintathu kwezine zezibhedlela, noma ezingama-26 kwezingama-36, sezivalwe ngokuphelele eGaza, wengeza ngokuthi okunye kungenxa yokuqhuma kwamabhomu noma ukuntuleka kukaphethiloli.

Scroll To Top