Now Reading
Ungoti wezifo zengqondo nekhambi kubadlali 
Dark Light

Ungoti wezifo zengqondo nekhambi kubadlali 

Umgadli weBafana Bafana uLyle Foster ogijima kuBurnely edlala ku-English Premier League (EPL) unikwe ikhefu lesikhashana ukuze abhekane nesifo somzwangedwa akhala ngokuthi simhlasele.UFoster usize leli qembu lanyukela ku-EPL. Kulesi sigaba ufike kwezwakala ngamagoli akhe amqoka. IBurnley isanda  kuvuselela inkontileka yakhe ngeminyaka emihlanu.

Ngemuva kokuvela kwezindaba zikaFoster, intatheli yelaboHlanga uZipho Singela ixoxe nengqapheli ephinde ibe udokotela nongoti ezifweni ezithinta ingqondo, uMelisizwe Gumede onenkampani eyaziwa ngeCloud Therapy ezinze eMorningside, eThekwini. Njengamanje uGumede usebenza naMaZulu FC agijima kuDSTV Premiership.

Ingxoxo yakhe noSingela ihambe kanje.
Zipho Singela (ZS): Ake usichazele ukuthi iyini i-mental illness.

Melisizwe Gumede (MG): Umzwangedwa singawuchazela njengesimo lapho izicubu zengqondo ezenza umqondo ucabange usabalale zisuke zithintekile noma zingasebenzi ngendlela efanale okanye eyejwayelekile. Umuntu uzozibuza-ke ukuthi isimo esifuze lesi sidalwa yini.

Mhlawumbe ngaphambi kokuthi siye ekutheni sidalwa yini. Ake siwuchaze ngokwezigaba zawo umzwangedwa noma ukuphazamiseka ngokomqomdo. Ukuphazamiseka ngokomqondo kwehlukene ngokwezigaba eziningi. Kunesifo esibizwa ngokukhwantalala. Ingcindezi ebhekana nomuntu ngenxa yezimo ezisuke zimehlele wase engakutholi ukwelulekwa noma ukwelashwa okufanele.

Ukwenze umzekelo nje kungenzeka ukuthi waba sengozini yemoto, wahlukunyezwa ngokocansi noma wabekwa isandla ngemuva kwalokho wangaluthola usizo lokwelapheka kulandela ukudlula kule zimo. Lento igcina yakheleka emqondweni igcine isiwumzwagedwa ngoba isuke imhlukumeza futhi engakhulumi ngayo. Uma usebenza uyaphazamiseka. Awubisezingeni lakho eliphezulu.

ZS: Uza nayo Qwabe. Awuqhubeka nayo ungabe usayidedela.

MG: Uma sibuyela esihlokweni ogxile kusona. Njengomdlali webhola ugcina ungakwazi ukubambisana nozakwenu ngendlela enkundleni. Phela ukukhwantala akuzwani nabantu abaningi. Kufuna ukuthi engathi ungahlala uwedwa endlini. Lezi ezinye izimpawu zakho. Okwesibili ifuna ukuthi ungadli. Okwesithathu ifuna ukuthi ungagezi.

Okwesine ikwenza wenqene ukuzivocavoca. Kuyinkinga-ke uma ungumdlali ngoba usuke usebenza ngokuzivocavoca. Ukukhwantwala kulwa nazo zonke lezinto. Okwesihlanu uthole ukuthi ubuwumuntu unomoya ophansi kodwa usunolaka. Ugcina usuzithola usenkingeni nabantu ozwana nabo. Indlela yakho yokuziphatha iyashintsha ngenxa yengcindezi onayo emqondweni.

Njengomdlali ngeke udlale ngokwezinga lakho ubhekene nalezi zinselelo. Phela ebholeni udlalela ukunqobela iqembu hhayi ukufeza izinjongo zakho uwedwa. Uma ubhekene nokukhwantalala ngeke ukwazi ukufeza lezo zinto. Lokhu wukugula okunganakwa noma okuthatheka kancane. Imbangela yalokho yingoba lokugula akubonakali. Lento idla wena yedwa. Ukwenza umzekelo nje, ngeke uyifanise nesifo sohlangothi esibonakalayo uma sikuhlasele.

ZS: Kulula ukuthi umuntu azibone uma ebhekene nesimo esinje futhi selapheka kanjani?

MG: Kulula ukuthi umuntu azibone noma azizwe. Lento ingumzwagedwa. Ingumashayandawonye. Ayikuniki ukuphumula ikakhulukazi ebusuku uma usuwedwa. Uma usulele ibuya kakhulu. Umuntu ugcina esenemicabango yokuzibulala. Kuyahluka abanye bayazilengisa, bazibandakanye ezingozi zezimoto noma baphuze amaphilisi. Ukuze welaphe lesifo kumqoka ukuthi uxhumane nodokotela wengqondo umvulele isifuba ngengcindezi osuke ubhekene nayo.

Odokotela bakuhlelela umhlahlandlela okumele uwulandele ukuze welaphe isifo sakho. Kuyaye kuye ngohlobo lwenkinga ebhekene nomuntu. Uma inkulu kakhulu odokotela bengqondo bayakwazi ukukudlulisela phambili kwabanye ongonti bezongqondondo. Lapho kusuke sokuphoqa ukuthi uthole imishanguzo noma ulaliswe esibhedlela.

ZS: Uma sibuyela ezimpawini. Kuyenzeka yini umuntu azinikele ezidakamizweni esithize njengendlela yokukhohlwa izinkinga zakhe okwesikhashana?

MG: Kuyenzeka. Kwenzeka kakhulu ebholeni. Sikubonile ngabadlali abafana noJabu Pule, Junior Khanye, Thabiso Malatsi, Sipho Nunez noLerato Chabangu. Labadlali bebephuza bagcina belova nasemsebenzini. Uma ungalandela umsuka wale ndlela yokuziphatha uzothola ukuthi bakhule emakhaya benohlobo lokuhlukumezeka.

Sisaqala ukuxoxa ngiye ngabalula ukuthi ukushayana kwabantu (abazali ekhaya) kungaholela ekutheni umuntu abe nomzwangedwa. Lento umntwana ukhula nayo imhlukumeza. Yingakho-ke bagcina sebegxile ophuzweni oludakayo noma izidakamizwa ukuze bathobe lomzwangedwa. Abanye babangamabhubesi yingakho zanda izibalo zokuhlukunyezwa ngobobulili.

ZS: Kunalegenge ekuthiwa iqinile ngokomqondo uma ibhekene nezinkinga. Ngabe bukhona ubungozi bokuqina ngokomqondo?

MG: Kumqoka ukuthi siyizibe lento yokuthi indoda ayikhali noma kumele iqinisele uma ibhekene nobunzima. Abanye bayasaba ukuvuleleka ngezinkinga zabo ngoba kuzothiwa bayizehluleki. Uma sibuyela kubadlali nje, bona babhekana nezingcindezi eziqhamuka ezindaweni ezahlukene.

Kuyenzeka bahlukunyezwe ezinkundleni zokuxhumana noma uthole ukuthi behlelwe yifomu. Umzwangedwa noma ukuphazamiseka ngokomqondo kuyenzeka umuntu azalwe nakho. Lapha basuke bekuthathele kubazali babo. Uma ngingenza umzekelo kukhona isifo esibizwa nge-bipolar. Abantu basuke beyithathe emndenini.

ZS: Yisiphi iseluleko ongasinika abadlali ngokuhlukumezeka abakuthola ezinkundleni zokuxhumana?

See Also

MG: Asikho isidingo sokugxila kakhulu ezinkulumweni zabantu ezinkundleni zokuxhumana uma ungumdlali. Khumbula abantu babhala noma ngabe yini abafuna ukubhala ngayo. Abanye bakhuluma ngezinto abangazazi. Iningi alikaze lingene ngisho enkundleni ezingeni elikhokhelayo ukudlala noma yimuphi umdlalo osuke uwudlala. Abayazi ingcindezi yokubasenkundleni kodwa banazo zonke izimpendulo zokuthi bekumele wenzenjani. Ngizothi abadlali abakushaye indiva okubhalwa ngabo ezinkundleni zokuxhumana. Okubhalwa ngabo ezinkundleni zokuxhumana bangakufaki enhliziyweni. Wena unguncwepheshe kulokhu osuke ukwenza.

ZS: Odokotela bengqondo banjani ephaketheni?

MG: Umbuzo wakho akulula ukuwuphendula. Sesiphila ezweni lapho izinto eziningi zimba eqolo. Nalo mkhakha wethu ubuhlelo lwezempilo oluthathwa njengobizayo. Ukubona ongoti kuqala ku-R600 kuze kufike ku-R1 200. Ungambona ungoti ngo-R850 noma usonhlalakahle ngo-R650. Udokotela wengqondo ubiza ngo-R1 200.

ZS: Uma usumbonile udokotela. Amakilasi asebenza kanjani?

MG: Wenza isikhathi nodokotela njengenjwayelo bese unikwa izinsuku eziyisishiyagalombili zokuhlala phansi nodokotela wengqondo umchazele ngenkinga yakho bese okwelapha ngokwendlela eyahlukene.

ZS: Sesivala ake usitshele ngomsebenzi wakho owenza naMaZulu.

MG: Inkampani yami ibizwa ngeCloud Therapy. Sitholakala eMorningside lapha eGreyville. Sigxile kakhulu kubadlali. Sengenze umsebenzi ominingi neqembu, AmaZulu. Sike sabanezigcawu lapho sifundisa abadlali bawo ngezifo ezithinta umqondo. Zithinteke izihloko eziningi okubalwa kuzona umzwangedwa, ukukhwantalala, ukuhlumeza ngokobulili, izidakamizwa nokuhlale umagange. Zonke lezinto zithinta indlela abadlala ngayo.

ZS: Siyabonga kakhulu ngesikhathi sakho.

MG: Kubonga mina ngethuba.

Scroll To Top