Now Reading
Wadela izwe lakhe wayozinza eMelika
Dark Light

Wadela izwe lakhe wayozinza eMelika

Kubantu baseJamaica inkosi yomculo weReggae uBob Marley wabe eyikho konke kuze kube yinamuhla yize esalala kobandayo. KunjalonakwabaseNigeria intandokazi yabo emculweni uFela Kuti akaconsi phansi.

EZimbabwe kusuke kungakapheleli emculweni uma lingakaphathwa igama likaThomas Mapfumo. Le nkakha yiyo ehamba phambiliebhendini yomculo ngenxa yekhono lakhe lokukwazi ukuhlanganisa isigqi sesintu nomculo waphesheya kwezilwandle.

Yize umculo wakhe uthakaselwa cishe I-Afrika yonke eseningizimu naseNhla nayo, kukhona nalabo abamgxekayo ngokuthi laphoevula khona umlomo ushiya angalazi ngabaqoneli.Kwezinye zezingoma zakhe uveza ukuthi i-Afrika ngabe ikude ukube izifikanamthwalo azingenanga emazweni zathatha wonkeumnotho wezwekazi. Ngisho namanje akakufihli ukuthi ubuholi obukhona eZimbabwe abuthembekile, ubuza umbuzo wokuthi buhlukengani nobakudala ngesikhathi sobandlululo.Wazalwa zi-3 kuNtulikazi we-1945 eMorondera okwabe kuyindawo eyaziwa ngeSouthern Rhodesia ngaleso sikhathi. Ngenxayokungahlonizi ngomculowakhe uhulumeni omdala waseRhodesia wambopha wagqunywa ejele ngaphandle kokwethweswa icala.

See Also

Akugcinanga lapho nangesikhathi izwe seliwelele kwaboHlanga waphinde waboshwa ngaphandle kokwethweswa icala ngubuholibukaMnu uRobert Mugabe. Kubantu abalandela umculo wakhe eZimbabwe uthathwa njengesithwalandwe somzabalazo wamalungeloabantu.Emuva kokuhlukunyezwa kwakhe ngamaphoyisa kuleliya lizwe, uMapfumo wathatha isinqumo esinzima sokufulathela iZimbabweamabombo wawabhekisa e-United States of America (USA) ngonyaka we-2000. Ngaphambi kokufulathela iZimbabwe wayesekewadingiselwa e-Oregon ngeminyaka yama-90s.

Scroll To Top