Kusazosinda kwehlela ezimayini ngokudilizwa kwabasebenzi
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Inkampani, iSibanye Stillwater, yethule uhlelo lokuhlela kabusha olungaholela ekulahlekelweni kwemisebenzi engaphezu kwezi-4000. Lolu hlelo kulindeleke ukuthi luthinte amashafu ayo amane kanye nezinsiza ezihambisana nawo emisebenzini yawo yeplatinamu yaseNingizimu Afrika.
INhloko yophiko lwezokuXhumana kwabatshalizimali eSibanye, uMnu uJames Wellsted, uthe ukuncishiswa kwemisebenzi okuqhamukayo kungenxa yokwenyuka kwezindleko zokusebenza, amaholo kanye nokwehla kwamandla emali ezimpahla ezithengwa kwamanye amazwe okufake ingcindezi embonini.
“Kulo nyaka sibone ukwehla okukhulu kwentengo yePGM’s (Platinum Group Metals) okugqugquzelwa kakhulu umbono womnotho omkhulu womhlaba kanye nombono wemboni yezimoto emhlabeni wonke futhi ngenxa yalokho, imboni yomhlabawonke ibhekene nemingcele enzima kakhulu futhi ithwele kanzina kakhulu ezindaweni eziningi.
”UWellsted uphinde wathi ithemba labo ukuthola umphumela ofanayo onganciphisa ukulahleka kwemisebenzi futhi uqinisekiseimpilo ende kwamanye amashaft. “Ngakho-ke, esikwenzayo ukuthi sihlonze lamashaft adala ukulahlekelwa futhi asengcupheni. Futhi manje sizongena esikhathini esiyisibopho sezinsuku ezingama-60 sokubonisana nabasebenzi abathintekayo nabameleli babo ukuze sizame ukuthola ezinye izindlela ezingase zinciphise noma zehlise isibalo semisebenzi esengozini.”