Now Reading
Uhlulwe izinombolo wahoxa
Dark Light

Uhlulwe izinombolo wahoxa

Obethathwa njengembangi enkulu kaMengameli waseGibhithe u-Adel Fattah al-Sisi okhethweni oluhlelelwe uZibandlela umemezele  ukuthi ngeke asalungenela ukhetho ngemuva kokuthi ehlulekile ukuthola isibalo esidingekayo sokugunyazwa ngumphakathi. Abomkhankaso ka-Ahmed el-Tantawy, owayeyilungu lephalamende, bathe izikhulu nezigebengu ezisekela uhulumeni zivimbele abantu abaningi ukuthi babhalisele ukumeseka esikhundleni sakhe kanti abezokuphepha babophe inqwaba yabalandeli bakhe bamvimba ukuba enze imicimbi yokukhankasa.

Scroll To Top