Now Reading
Imizamo yeMelika yokuqeda udungunyane kwa-Israel
Dark Light

Imizamo yeMelika yokuqeda udungunyane kwa-Israel

Osopolitiki bavuselele iziphakamiso zosizo eGaza Strip ngenkathi uNgqongqoshe Wezangaphandle wase-Iran ethi u-Israeli ngeke avunyelwe ukugadla lapho ngaphandle kokubhekana nemiphumela, exwayisa “ngesinyathelo sokuqala” emahoreni azayo.

UMengameli waseMelika uJoe Biden uhlole ukuvakashela kwa-Israel okugcwele izingozi zepolitiki nezokuphepha, okugcizelelwe ngoMsombuluko lapho uNobhala Wezwe laseMelika u-Antony Blinken ephoqeleka ukuthi aphephele endlini engaphansi(bunker) imizuzu emihlanu ngesikhathi ehlangana noNdunankulu wakwa-Israel uBenjamin Netanyahu ngesikhathi kukhala inhlabamkhosi eTel Aviv. .

U-Israel ufunge wagomela ukuthi uzoyiqeda nya inhlangano ye-Hamas ebusa eGaza, ngemuva kokuthi amabutho ophiko oluhlomile lwenhlangano yase-Palestine i-Hamas esekelwa yi-Iran ephule umgoqo obheke kwa-Israyeli ngo-Okthoba 7, abulala ama-Israyeli ayi-1 300, ikakhulukazi izakhamizi.

U-Israel selokhu wabeka iGaza, okuyikhaya labantu basePalestine abayizigidi ezi-2.3, ngaphansi kokuvinjwa ngokuphelele futhi wayishaya ngeziteleka zomoya ezingakaze zibonwe, futhi kulindeleke ukuthi iqale ukuhlasela enhlabathini.

Iziphathimandla zaseGaza zithi bangaphezu kwe-2 800 abantu asebebulewe lapho, cishe ingxenye yesine yabo okuyizingane, kanti abangaphezu kwe-10 000 abalimele basezibhedlela baswele izinto ezidingekayo. IHamas ithe ngoMsombuluko idubule “inqwaba yemicibisholo,” ibhekise eJerusalema naseTel Aviv.

UNgqongqoshe Wezangaphandle wase-Iran u-Hossein Amirabdollahian utshele ithelevishini yezwe ukuthi: “Abaholi beResistance ngeke bavumele umbuso wamaZiyoni ukuthi uthathe noma yiziphi izinyathelo eGaza. … Zonke izinketho zivulekile futhi ngeke singabi nandaba namacala empi enziwe kubantu baseGaza.”

“Iqembu eliphikisayo liyakwazi ukulwa nempi yesikhathi eside nesitha (i-Israel) … emahoreni azayo, singalindela isinyathelo sokuqala esiqhamuka kwabaphikisayo,” esho, ngaphandle kokunaba.

UNetanyahu umeme uBiden kwa-Israyeli. UBiden uphumele obala ekusekeleni kwakhe i-Israel, umlingani oseduze waseWashington eMiddle East. I-White House inqabile ukuphawula nganoma yikuphi ukuhlela uhambo.

See Also

Okhulumela uMkhandlu Wezokuphepha Kuzwelonke eMelika u-Adrienne Watson esitatimendeni uthe “alukho uhambo olusha esizolumemezela.”

Uhambo olunjalo kungaba ukukhetha okungajwayelekile futhi okuyingozi, okubonisa ukweseka kweMelika uNetanyahu njengoba i-US izama ukunqanda impi yesifunda ebanzi ehlanganisa i-Iran, umlingani wayo waseLebanon iHezbollah, kanye neSyria, futhi njengoba ukudla nophethiloli kuncipha eGaza. Kodwa-ke, kunganikeza uBiden amandla amasha okuthonya imicimbi phansi futhi aqinise isithombe sakhe ekhaya.

UBiden noNetanyahu, ubudlelwane babo obungazinzile, bahlanganyele amabutho yize bebengaboni ngasolinye mayelana nendlela eya eMiddle East lapho uBiden ehlala egcizelela ukwesekwa kwezifunda ezizimele zakwa-Israel nePalestine. Siye koshicilela umengameli waseMelika esehlanganile no Ndunankulu wakwa-Israeli uNetanyahu

Scroll To Top