Now Reading
Uvuma induku emenze washintsha ukwenza owayeyisitobho seziMpofana
Dark Light

Uvuma induku emenze washintsha ukwenza owayeyisitobho seziMpofana

Ulaxaze iphupho lakhe lokuba yimenenja yabadlali owaduma kuKaizer Chiefs uTefu Mashamaite osefuna ukungena kwezokuphathwa kwebhola ezingeni elikhokhelayo.

UMashamaite uvule inkampani yokuphatha izindaba zabadlali ngemuva kokuthatha umhlalaphansi ebholeni. 

Ngeledlule uvakashele emahhovisi elaboHlanga. Utshele leli phephandaba ukuthi useyekile ukumenenja izindaba zabadlali.

“Mayelana nendaba yokumenenja abadlali ngithathe amagxathu amabili aya emuva. Ngizoyivuma induku. Ngithathe isinqumo sokungena kulo mkhakha ngingahlelile kahle. Yonke into empilweni ihamba nezifundo. Nami ngifunde izinto eziningi. Yingakho ngithathe isinqumo sokuyeka ukuphatha izindaba zabadlali okwamanje ” kuchaza uMashamaite.

Lolu nkonko lwesitobha luthathe umhlalaphansi ngowezi-2018. KuMakhosi luphakamise izicoco ezimbili zeligi, eseNedbank Cup neseMTN8.

Uke wayibamba naphesheya kwezilwandle kuBK Hacken yaseSweden ngaphambi kokuthi akhuze ibuya ngowezi-2016.

“Njengamanje sengibuyele esikoleni. Ngisanda kuthola iziqu zami kuSport Management. Lezi ziyizifundo zezinga lemfundo ephakeme ezifundwa ngaphansi kwehlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa,” kuqhuba uMashamaite.

Le ngwazi eyinxusa lakwaMTN idlale imidlalo eyisishiyagalolunye kuBafana Bafana. Phakathi kwamanye amaqembu adlale kuwona eNingizimu Afrika kukhona neSuperSport United anqobe nayo izicoco neWits University.

See Also

“Ngizimisele ngokuqhubeka nokwenza izinye izifundo ngaphansi kweFifa ukuze ngikhulise ulwazi lwami. Inhloso yami ukungena ekuphathweni kwebhola kodwa ngifuna ukuzihlelela kahle ukuze uma sekushaya isikhathi sokuthi ngingene ngibe sengimi ngomumo. Njengamanje kulapho engigxile khona futhi engifuna ukuchitha khona isikhathi sami esiningi,” kubeka uMashamaite.

Ngowezi-2005 wagogoda ngeziqu zeBA ku-International Relations and Politics eNyuvesi yaseWits.

“Kumqoka ukufunda ikakhulukazi kithina esidlala ibhola. Umdlalo webhola ungumsebenzi osheshe uphele. Uma udlale iminyaka engaphezu kweyishumi ezingeni elikhokhelayo usuke usebenzile. Ngakho kumele sizihlelele ukuphila impilo engcono ngemuva kwempilo yebhola,” kusho uMashamaite.Njengamanje  uziphilisa ngamabhizinisi akhe ezindlu.

“Ngaphandle kokuhlelela impilo ngemuva kokudlala ibhola, ukufunda nje kuyawuvula umqondo womuntu. Kwenza ucabange usabalale. Ngisho ubhekene nezingqinamba uyakwazi ukuqhamuka nezisombululo.” kuphetha yena.

Scroll To Top