Ubuntu, uzwelo kanye nenhlonipho kuyikho esasaziwa ngakho thina beNguni.
Ubuntu bebubonakala lapho umfokazane noma isihambi sizikhalela ngophahla lokufihla ikhanda lokho nje kukodwa bekuvusa Ubuntu njengoba lowo obekukhalwa kuye ubezithola kusemahlombe akhe ukusikela loyo okhalayo indawo maqede amelekelele ukuphendula isoyi. Bekuhlanganwa kugawulwe, kushayelelwe, kugaxwe babebodwa abasika izithungo zotshani bokufulela kuze kube uyaphela lowomuzi.
UZWELO.
Uzwelo beluyinsika yanoma imuphi ozelwe ngowesifazane ngengoba kwaze kwanomkhuleko othi “isisu somhlambi asingakanani singangenso yenyoni” ngithi umkhuleko ngoba bekukhulekwa mawufika emzini wendoda, ubukhuleka ngesibongo nezithakazelo zakhona uma wazi ukuthi kukwabani kodwa isihambi sona esizozikhalela ngokuya ngasethunjini ukuze sithole amandla okuqhubeka nohambo lwaso besikhuleka ngokubika isisu esingangenso yenyoni lokho bekubacacela abakulelikhaya ukuthi kumele bamuhlangabeze ngaziphi izidingo.
INHLONIPHO.
Inhlonipho ibingumgogodla kwabadala nabancane ngisho ingane isaqala ukufunda ukukhuluma ibilokhu ishekelelwa ukuthi ingazitholi isisebenzisa amagama alumelayo uma ikhuluma ngisho ngabe ikhuluma nezinye izingane. Ibifundiswa ngisho nokuzotha uma ukhuluma nomuntu omdala ingavele nje ime phuhle futhi imugqolozele emehlweni ngisho nokuvele ithimbe nje njengenkunzi yenkomo bekungafuneki ngoba bekugcizelelwa inhlonipho. Inhlonipho ibilikhubalo futhi iseyilo namanje okuthi loyo iyisebenzisayo azithole elungelwa ilokho abenesidingo sokuthi kumlungele ngakho njalo ukusebenzisa inhlonipho.
Muva nje osomathuba laba abakhiqizwe ngosopolitiki bakufunde bakufundisisa ukuthi nxa bezoncenga amavoti alowomphakathi bakhumbule ukusebenzisa inhonipho mbumbulu, uzwelo mbumbulu kanye nokuzithoba kwesikhashana. Lokho ngikugagula ngoba uma nje sekubalwe amavoti loyo obekhombisa uzwelonenhlonipho usuke esengomunye umbala engasewona lo ebeniwubona esakhankasa.
Okunye okudonse amehlo abantu okhethweni loHilumeni basekhaya ngo 2021 kube ukuthamunda ulimi lwesizulu kuka Mnz Chris Papas owadla umhlanganiso kwesobuMeya. Kukhanyele ngisho ingane encane ukuthi amaqembu epoliki amavoti alinoni kubo ngawabohlanga njengoba abohlanga bebaningi ngokwezibalo futhi besadla imbuya ngothi lokho kufakazwa nayi Statistic SA. Kwakunjalo naseWestern Cape lapho owayengumholi weDA Mnz uAthol Trollip nowayeyiMeya yase Nelson Mandela Bay wayesikhipha ngamakhala isixhosa ikakhulukazi makubhekwe okhethweni.
Umbuzo ungathi ngabe aboHlanga bayaqala yini ukweshelelwa amavoti kusetshenziswa ulimi lwabo?
Lapha nje kwisifundazwe iKwaZulu-Natal abakhongela iIFP, ANC neNFP makubhekwe okhethweni bakhuluma isizulu esome gelekeqe kuvuka izaga, izisho kanye nezingathekiso konke lokhu kwenziwa abohlanga. Kumanje nje laba baholi balezinhlangano sebeyimigodi enganukwanja kweminye imiphakathi inengwa ngisho bekhuluma emsakazweni njengoba kwenzeka lapho isiteshi somsakazo uKhozi Fm lwazisa abalaleli ngengosi okwakuzogiya kuyo oyiMeya kaMasipala weTheku uMnu uMxolisi Kaunda . Abanye babalaleli ezinkundleni zokuxhumana besabisa ukuluduba loluhlelo lwasekuseni bekhala ngokuthi sebelethelwa abaqambimanga asebekhathele ukubalalela. Lokho kufakazelwa nawukwehla kwesibalo sabantu abahambela imihlangano lamaqembu ayibizayo ukuthi lesizulu abasithamundayo asisabasebenzeli abaholi bamaqembu ezepolitiki ikakhulukazi lawo ayemiselwe ukukhulula aboHlanga ebugqilini ababebhekene nabo ngezikhathi zobandlululo. Okuyimbangela yokuthi imiphakathi yaboHlanga ingasachazwa inkulumo eyethulelwa osopolitiki kwimihlangano abasuke bebizele kuyo emphakathi ingoba kusetshenziswa zona izilimi zabo kuleyo mihlangano, kusina kudedelana izikhulu zeminyango kahulumeni zithembisa impilo ezoguqulwa kwabadla imbuya ngothi kodwa loyomphakathi uyogcina ngokuzwa izinkulumo kuphela kodwa obekuthenjiswa akubonwa. Ngokunjalo nanoma imiphakathi ikhahlanyezwe isimo sezulu kufika bona osopolitiki begqoke ibhantshi lomnyango kahulumeni baduduze besebenzisa amagama ajulile asetshenziswa abohlanga kodwa ziyonele zingaphuma izimali zokutakula labo abakhahlamezekile kuhlomule amavolontiya alawomaqembu abengakhahlamezekanga kothi uma abakhahlamezekile bekudalula lokho ukuthi abakaze belulelwe sandla kobe sekuqhuma isilungu sikhishwa ngamakhala kungasasebenzi lolulimi abebelukhuluma bethi bayaduduza bewaka abantu.
Kungabe ulwimi losopolitiki luyithwele na inkululeko yezomnotho yaboHlanga?
Kungabe ulwimi lwabezizwe olushibilika izilimi zaboHlanga lungabatakula na abohlanga ebubheni bansuku zaphuma?
Kungabe ukukhuluma kahle isizulu kwabebala kuzokubasiza aboHlanga kumanje abahlezi emigwaqeni emikhulu namathuluzi okwakha ngisho likhipha umkhovu etsheni noma liyidliva imibani iphambana phezu kwabo ngoba belambele ukuqashwa ukuze babeke isinkwa etafuleni?
Ingabe ukuthamunda isizulu kwabezizwe kuzoyitakula leyomindeni ethembele empeshenini yesaguga salelikhaya ukuze ithole okuya ethunjini? Kuzobasiza omalume asebewashela abashana ngoba isaka lempuphu selingeniswa inkece eyisibonelelo sikahulumeni yezingane? Ukukhuluma isizulu kwabebala kuzobasiza na abasaphuza ezizibeni besina bededelana nemfuyo konjayiphume?
Ukukhuluma isizulu kwabebala kuzoyisiza na imiphakathi esahamba amabanga amade ibheke ezikoleni, iyokha amanzi, emitholampilo, emadolobheni, ezimpeshenini kanye nokuyotheza izinkuni?
Ukukhuluma kahle isizulu kwabebala kuzoyisiza na imiphakathi esabonga ifinyelele ngaphesheya uma iwela imifula ngenxa yokungabi bikho kwamabhuloho?
Ukukhuluma kahle isizulu kwabebala kozobasiza na abahla ezindaweni zokulahla imfucuza ngoba imihlaba yabo yaqokelwa izilwane zasendle iqokelwa uhulumeni wobandlululo? Nangoba bengenamandla okuhlala ezindaweni eziphephile ngoba zibekelwe ukwakhela abadla izambane likapondo. Ingabe ukukhuluma kahle isizulu kwabebala kuzobasiza abohlanga abagcwala kuze kweqe kwizithuthi zomphakathi lokho okuholela ekufeni kwamashumi ngamashumi abantu uma kwenzeka ingozi? Kungabe ukukhuluma kahle isizulu kwabebala kuzobasiza ngani abohlanga abasahlomula amakinati kodwa ozakwabo bebala bengena nje ngesango kodwa imihlomulo yabo ibe ngephindaphindiwe?
AboHlanga bakulindele ukuthi lololimi olukhuluma kamnandi isizulu ngoba kubheke okhethweni liyobakhona ilangala ngemuva kokhetho lapho lona lelolwimi liyokhafula umlilo liwubhekise kubo ngoba nje bengaboHlanga.