Uyaqhubeka nokuyiphaka bukhoma
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli waseRussia u-Vladimir Putin ngoLwesihlanu uvele ehlangana nomunye wabaphathi abakhulu beqembu le-Wagner futhi bedingida ngendlela engcono kakhulu yokusebenzisa “amayunithi amavolontiya” empini ese-Ukraine. Umhlangano ugcizelele umzamo we-Kremlin wokukhombisa ukuthi umbuso usukwazile ukulawula leliqembu lamasosha ngemuva kokubhuntsha kokuvukela umbuso kukaNhlangulana kwesikhulu saleliqembu u-Yevgeny Prigozhin, owabulawa nabanye abaphathi abakhulu engozini yendiza ngoNcwaba. Ezinsukwini ezimbalwa ngemuva kokuvukela umbuso kwaleliqembu, uPutin unikeze amasosha ithuba lokuqhubeka nokulwa kodwa waphakamisa ukuthi umkhuzi u-Andrei Troshev athathe izintambo kuPrigozhin, kubika iphephandaba laseRussia iKommersant.