Uzobusisa elakuleli ngesigqi esihlukile owaseBotswana
Isizwe samaKhoisan eKokstad, eKuruman naseKaroo sizothola ingqayizivele yethuba lokuhambela ikhonsathi okuzocula kuyo umzwilili walesi sizwe. Emuva kokuba elaboHlanga libhale ngomlando emculweni kaKhoisan Maxy odabuka eBotswana, kuvele izindaba zokuthi ngoZibandlela uzoba yingxenye yochungechunge lwemicimbi yamaKhoisan yokubungaza amaqhawe angaphambilini alesi sizwe eNingizimu Afrika.
Ubalwa namaciko esifazane ahlonishwayo ezwenikazi, ngokubeka i-Afrika phambili nokugqugquzela ubunye esebenzisa umculo. Ngokusho kwesitatimende, uzoshiyelana inkundla nabanye abaculi bakuleli abagxile emculweni wamaKhoisan.
Lo mculi ogama lakhe langempela okungu-Olebile Sedumedi uzakhele igama efika endimeni yomculo eminyakeni eli-17 edlule, nalapho engazange wapholisa maseko waqala ukuqopha. Usekhiqize ama-albhamu ali-13 lapho ecula khona ngesiTswana nesiKhoisan. Uma elanda ngokuthi kungani ebizwa ngoKhoisan emculweni, uveza ukuthi yingoba uyisizukulwane salesi sizwe. Ngokusho kwakhe okhokho bakhe babengamaKhoisan yingakho efuna ukuthi ungacishi lomlando.
Ukungena kwakhe emculweni akubanga yiphutha kwazise ukhulele emndenini owabe ucula ebandleni. Akulona lolu hlobo lomculi ongalumatanisa nohlobo oluthile olulodwa lomculo ngoba uyaguquguquka. Ama-albhamu asewakhiphile asukela kumculo wesintu, igospel, ipop, ihip hop. Kungenxa yethalente lakhe okwenza wagcina esebizwa nge“Queen of the Sand”.
UMaxy ungumculi wokuqala ophuma kuSouthern African Developing Community (SADC), ukumenywa ukuba ayonandisa emcimbini waminyaka yonke omkhulukazi e-Afrika iFemua 7 e-Abidjan e-Ivory Coast.
Ezinye zezingoma zakhe ezashisa izikhotha ngethi, Kalahari (Uwe Uwe) ayiqopha ngonyaka we-2000. Kuze kube yinamuhla le ngoma isathakaselwa kakhulu eBotswana, futhi isahamba phambili kuleliya lizwe ezingomeni ezinesigqi se-Afrika. Ngonyaka we-2008, wasungula iqembu lomculo elalibizwa ngeDigauta.