Now Reading
Umkhuhlane wezinkukhu usushaye kwezwela kumkhiqizo wamaqanda
Dark Light

Umkhuhlane wezinkukhu usushaye kwezwela kumkhiqizo wamaqanda

Abantu baseNingizimu Afrika bangase babhekane nokushoda noma ukwenyuka kwamanani entengo yamaqanda nezinkukhu. Lokhu kungenxa yomkhuhlane wezinyoni osubone izigidi zezinkukhu zibulawa ziqala ukuba nomthelela ekuhlinzekweni kwale mikhiqizo.

ISouth African Poultry Association ithi ukubheduka kwalesi sifo esiqale eWestern Cape ngoNhlaba nonyaka sesisabalele naseGauteng, Mpumalanga, Limpopo, nakwezinye izingxenye zesifundazwe iFree State.

Inhlangano yezinkukhu ithi uhlobo lwe-avian flu olukhonya eNingizimu Afrika yi-H7N6. Le nhlangano ithi cishe ama-30% emboni yamaqanda uthintwe yilokhu.

Zingaphezu kwezigidi ezinhlanu izinkukhu ezibulewe kusukela kuqubuke lesi sifo, kodwa cishe ziyizigidi eziyisi-8 izigameko ezisolwayo. Lokhu kuzoba nomthelela ekuhlinzekweni kwezinkukhu namaqanda ezinyangeni ezizayo.

IMenenja Jikelele kwaSA Poultry Association – Egg Division, uDkt u-Abongile Balarane uthe imboni njengamanje ibhekene nobunzima obukhulu, kanti futhi kufanele ihlanganise nezinye izinto ezifana nokwenyuka kwamanani kaphethiloli, amanani entengo kagesi aphezulu, ukucishwa kukagesi kanye nokuqubuka komkhuhlane wezinyoni.

“Nakanjani, okungenzeka ekuhambeni kwesikhathini esifushane ukuthi kulawo mapulazi athintekile noma ukukhiqizwa okulahlekile, sizoqala ukubona ubunzima ohlangothini lokunikezwa kwamaqanda emakethe, nginesiqiniseko sokuthi kungenzeka ukuthi babone abanye abathengisi abakhulu sebezifakile izaziso ukuthi kuzoba nokuhlinzekwa okulinganiselwe. Ngakho-ke amaqanda awatholakali emashalofini okungenzeka kwenzeke esikhathini esifushane kuze kube yilapho sesiphinde sathola umkhiqizo esilahlekelwe cishe okuzosithatha isikhathi. Ngoba kukhona nezezimali. Abalimi, njengoba nazi, sebekhahlamezekile ngenxa yentengo ephezulu yokudla, uphethiloli kanye nenkinga kagesi, ngakho kunengcindezi enkulu kubakhiqizi njengamanje.”

 Abathengi bangalindela ukukhokha ngaphezulu kwamaqanda nenkukhu, ngenxa yokutholakala kwamanje kanye nezingqinamba zokufunwa.

“Silinganisela ukuthi cishe ama-30% ezimboni zamaqanda uthintwe yilo mkhuhlane kuze kube manje. Inani lezinyoni ezimboziwe, zihlezi phezulu kwizigidi ezingama- 55 kodwa amacala asolwayo asondele kwizigidi eziyisi-8. Uyazi ngaphezu kwezigidi eziyisi-8. Ngakho-ke okungenzeka ukuthi kwenzeke esikhathini esifushane ukuthi kulabo abathintekayo, uyazi, amapulazi noma ukukhiqizwa okulahlekile, sizoqala ukukubona wazi, ukucindezeleka okuncane ohlangothini lokuhlinzeka kwamaqanda. emakethe.”

See Also

UDkt uBalarane uthe njengoba umkhuhlane usutholakele ekuqaleni kwalo nyaka, imboni yezinkukhu ibeke izindlela zokuvikela ukuze kunqandwe ukubhebhetheka. Nokho, inani lezinkukhu liyaqhubeka nokukhula njengoba ukusabalala kuqhubeka ezweni lonke.

  “Kusukela ngoNdasa, abalimi, uyazi, bebeqinisa izindlela zokuphepha kwe-bio, okusho ukuthi ukuhamba kwabantu phakathi kwamapulazi, ukuhamba kwezimoto, amaloli aletha ukudla abenomkhawulo noma alawulwa kusukela ngoMbasa. Ngakho-ke lokho okuyinhloko, uyazi, ingxenye ngesikhathi sigcina ukusabalala kwaleli gciwane, ube nokungaphezulu. Sinayo, siyethemba ukuthi njengoba ikhandlela lizoqala ukubona imigomo, uyazi ngalokhu kuba nomkhuhlane kunezingxoxo phakathi kwemboni nohulumeni ukuze kubhekwe ukuthi kungenzeka yini ukugoma njengesixazululo sesikhathi eside.”

I-SA Poultry ithe njengoba isikhathi esimatasa kakhulu semigubho yenjabulo, esingaphezu nje kwezinyanga ezimbili, abantu baseNingizimu Afrika bangawugubha uKhisimusi ngaphandle kwamaqanda aphehliwe, abilisiwe, aphekiwe noma athosiwe futhi kungabikho nkukhu emalahleni.

Scroll To Top