Now Reading
Unikezwe ushwele uBongo emuva kokuboshelwa endlini
Dark Light

Unikezwe ushwele uBongo emuva kokuboshelwa endlini

Iqembu elibusayo eGabon elithathe izintambo zombuso ngesonto eledlule liqoke owayengumholi weqembu eliphikisayo, uRaymond Ndong Sima, njengondunankulu kuhulumeni wezinguquko ngoLwesine. USima, oyisazi sezomnotho esineminyaka engama-68 ubudala, ubengumgxeki omkhulu kaMengameli u-Ali Bongo, okhishwe esikhundleni ngemuva kokuketulwa kombuso ezombutho ngoNcwaba zingama-30.

Uke wasebenza njengondunankulu kaBongo kusukela ngowezi-2012 kuya kowezi-2014, wabe esesula esikhundleni sakhe waqhudelana naye kwesobumengameli ngowezi-2016 waphinde waba yingxenye yomfelandawonye wamaqembu aphikisayo kulo nyaka. UBongo, owaphatha kusukela ngowezi-2009, ungene esikhundleni sikayise u-Omar Bongo, owabusa lelizwe elingumkhiqizi kawoyela e-Afrika Emaphakathi iminyaka engama-42.

Ukwenza ukubuswa kwezwe ifa lomndeni kudale ukunganeliseki okusabalele, nabagxeki bethi abakwaBongo abenzanga okwanele ukuhlukanisa umcebo waseGabon nabantu bayo abayizigidi ezingama-2.3.

Ukuketula umbuso kwamukelwe ngezigcawu zenjabulo enhlokodolobha iLibreville kanti izikhulu zisheshe zahlanganisa amandla, zafungisa uGeneral Brice Oligui Nguema njengomengameli wesikhashana ngoMsombuluko.

Izikhulu zamasosha zifunde isimemezelo kumabonakude wombuso ngoLwesine zimemezela ukuthi uSima uqokwe njengoNdunankulu. UNguema uthembise izinguquko kwezomnotho wathi uzohlela ukhetho olukhululekile nolunobulungiswa, nakuba engakasho ukuthi nini.

U-Abdou Abarry, omele uNobhala Jikelele we-UN eCentral Africa, uhlangane noNguema eLibreville ngoLwesithathu wamtshela ukuthi iNhlangano Yezizwe Ezihlangene izolisiza izwe njengoba isiqale kabusha.

 “Uma sesizazi zonke izinhlelo okuwuhlelo lwezikhathi, uma sekuqokwe uhulumeni, izinhlaka zethu ezihlukene zizokwenza ukuxhumana okudingekayo futhi ziqhubeke nokweseka iGabon,” esho ngemva komhlangano, ephawula kuGabon 24 TV.

Ukuketulwa kombuso eGabon bekungokwesishiyagalombili eminyakeni emithathu entshonalanga nasemaphakathi yezwekazi, nakuba bekudlala ngendlela ehluke kakhulu kokunye kwakamuva nje kokuthathwa kwebutho, eNiger.

See Also

Ngokungafani neNiger, iGabon ayikaze ikhiphe izitatimende noma izinkulumo ezimelene neFrance, noma ezihambisana neRussia, futhi ojenene abaphethe eLibreville babonakale bevulekele ukuxoxisana nezinhlangano zamazwe omhlaba ozakwabo baseNiamey abazigwemayo.

ICentral African Regional Bloc (ECCAS) imise iGabon ngoMsombuluko kodwa yathumela ummeleli wayo ukuba ayohlangana noNguema. UTouadera utshele izintatheli ukuthi useke wahlangana no-Ali Bongo, ngemvume kaNguema.

Akadalulanga imininingwane ngesimo sikaBongo noma isimo somqondo wakhe, uthe nje umhlangano ube nezithelo ezinhle.

Scroll To Top