Ku-Chaka Chaka imfundo nolwazi kakukhulelwa
ENingizimu Afrika uma kukhulunywa ngabesifazane abakwazile ukubeka leli lizwe kwibalazwe, alisali ngaphandle igama likaYvonne Chaka Chaka. Njengoba izwe ligubha inyanga yabesifazane, naye uphakathi kwabaningi abaphuma bengena bethula izinkulumo ezakhayo nezibuyisa ithemba kwimbokodo.
Umyalezo wakhe omkhulu kwabesifazane ngothi bangalilali ithemba, futhi basengaqhubeka nokufunda nokuzuza okuthile empilweni yabo. Uyisibonelo esihle kubantu bakuleli, hhayi nje abesifazane kuphela kepha nesizwe sonke. Ukholelwa ekutheni noma ngubani usengavuka azithathe abuyele esikole enze impilo yakhe ibe ncono. Lona kwaba ngumyalezo wakhe ngesikhathi ethweswa iziqu yiNyuvesi yaseTshwane. Uthando lwakhe lwemfundo lwnze wahlonishwa nangamanye amanyuvesi eminyakeni edlule.
Waziwa kakhulu ngengoma yakhe eyashisa izikhotha “Umqombothi” . Namanje uma idlala abantu basayicula kanye naye. Kwabanye uChaka Chaka bamazi njengenxusa leGlobal Fund to Fight AIDS, TB and Malaria, i-United Nations MDG Envoy for Africa, neGoodwill Ambassador for the Roll Back Malaria Partnership.
Wake wanyamalala emculweni kodwa wagcina enza ibuya eminyakeni edlule epheka kabusha ‘Umqombothi’ nomculi we- Afro-Pop u-Amanda Black. Kule ngoma ubesebenzisana nabakwaKing Korn ukugqugquzela intsha ukuba izigqaje ngamasiko ayo baphinde bayifundise ukwenza umqombothi.
UChaka Chaka owazalwa ebizwa ngoYvonne Machaka ngowezi-1965 kuNdasa zili-18 uwumculi, umbhali wamaculo, umlingisi, usomabhizinisi, inxusa aphinde abe uthisha eNyuvesi YaseNingizimu Afrika (UNISA).

