Nanamuhla usemkhulu umzabalazo wowesifazane ezweni
Sibheka izinto ezithile ezingamaqiniso kodwa ezivale amehlo abezepolitiki, izinhlangano zezenkolo namasiko ezweni nohulumeni imbala
Ngokwezibalo zeStats SA, ngoMbasa nonyaka bekunemizi ephethwe abesifazane eyizigidi ezili-7,6: iGauteng 1,5million, iKwaZulu-Natal 1,5million, iWestern Cape 900,000,i-Eastern Cape 9000, 000.
Lena kwakuyimizi eyizigidi ezili-18 ezweni. Ngowe-2021 bekunabesilisa abayizigidi ezingama-29,56 nabesifazane abayizigidi ezingama-30,48. Abesifazane abangama-50,76% nabesilisa abangama-49,24%.
Amakhaya aphethwe abesifazane
Lapha sikhuluma ngamakhaya lapho indoda ikhona kodwa ihola imali encane kunowesifazane.
Le mizi eyilolu hlobo yande kakhulu emiphakathini edonsa kanzima. Kwezinye izikhathi imizi ephethwe abesifazane izithola ingathathwa ngendlela okuthathwa ngayo ephethwe abesilisa, kokunye kugcine sekukhona nokubonakala kungathi kukhona lapho ikhishwa khona inyumbazane emphakathini owakhelene nayo. Konke lokhu kuthinta ingqondo nempilo kuze kuyokapakela kwinhlalakahle yalaba besifazane nezingane zabo.
Cishe ingxenye enkulu yabesifazane ezweni abangeni ngaphansi kohlu lwabantu abaqashiwe okanye abasebenzayo.
Isibonelo salokhu nje, ngowe-2022, amaphesenti angama-47,0 abesifazane bakuleli lizwe babengabambe qhaza kwezomnotho wezweemikhakheni abakuyona engahlelekile.
Ngakolunye uhlangothi lezi zibalo uma ziqhathaniswa nabesilisa zazimi kuma-35,6 %. Mayelana nenani lokubamba iqhaza kwabasebenzi (amandla okusebenza ahlukaniswa ngenani labantu abaneminyaka yokusebenza) ngowe-2022, elabesifazane lalingamaphesenti angama-47% uma liqhathaniswa namaphesenti angama-72% amadoda.
Abesifazane nabo banezinga eliphansi lokusebenza uma kuqhathaniswa nabesilisa,(isabelo seminyaka yobudala esetshenziswa umnotho) emi ku-34,2% ngesikhathi seKota Yesibili yowe-2022, kanti elabesilisa lalingama-43,4%. Asikhumbule futhi ukuthi abesifazane babuye baqashwe ezindaweni ezingabambile iqhaza elikhulu emnothweni wezwe, ngaphezu kwalokhu baqashwe nasezindaweni ezingakhokheli kakhulu.
Kuchazani konke lokhu?
Ngaphandle kweqhaza lasemindenini elibanjwe ngabesifazane, kumele kuphinde kuthakaselwe ukuthi abesifazane yibona abaningi emphakathini esiphuma kuyo. Lokhu kuyindaba “yeningi elingalawuleki”, okuyiqembu elicwaswa ngokwenhlalo- mnotho, ezombusazwe namasiko ngezindlela eziningi. Ngenhloso yoguquko lwezwe ukuzibandakanya kanye nokubamba iqhaza kwabesifazane ezikhundleni zobuholi kuyimpoqo engenakuphikwa. Amaphoyisa abesifazane kumele azi manje ukuthi izikhundla anikwa zona akukhona nje ukuthi yingoba kusuke kuzwelanwa nabo, kepha yingoba ekufanele.
Isibonelo nje sizolibona nini iqembu lepolitiki labesifazane?
Ubani owathi kukhona into engenzeke?
Kunenkulumo lapha ezwe yokuthi zonke izikhungo zakuleli, okuhlanganisa namaqembu epolitiki, zivakashele izinkulumo zabo zobulili kanye neqhaza elibanjwa abantu besifazane kuzo zonke izindaba zabo kuzo zonke izinhlaka hhayi njengesenzo sokuzwelana, nezenzo zokuthuthukisa abesifazane. Lokhu kuyimpoqo yezenhlalo, ezomnotho, ezombusazwe kanye namasiko.
Ukuchazwa kwezinyanga ezithile njengoba kukhona neNyanga Yabesifazane nakho kunezinkinga nezinselelo zakho, kokunye okuphambanayo nalokho abasuke bekusophile. Khona kunjalo abesifazane abapheli mandla bayalibamba iqhaza emphakathini kulokho abasuke bebhekene nakho.