Now Reading
Inqabakutholwa ezosimamisa amabhizinisi embokodo ezwenikazi
Dark Light

Inqabakutholwa ezosimamisa amabhizinisi embokodo ezwenikazi

Amabhizinisi aphethwe ngabantu besifazane anxuswe ukuthi asebenzise amathuba amakhulu alethwe yisivumelwano se-African Free Trade Area. (AfCFTA).
Lokhu njengoba iNgqungquthela Yabesifazane Base-Afrika Ebuholini i-Norton Rose Fulbright ibanjelwe e-Sandton, eGoli, ngoLwesibili, ukuhlonipha Inyanga Yabesifazane esikuyo. Ongoti bathi i-AfCFTA inikeza amathuba amaningi kuwo wonke umkhakha ukuze abesifazane bakhulise amabhizinisi abo ezwenikazi.

I-African Free Trade Area Agreement kulindeleke ukuthi ikhulise ukuhwebelana kwamazwe ase-Afrika ngama-52.3% ngowezi-2025. Lesi sivumelwano futhi kulindeleke ukuthi sinyuse imali engena e-Afrika ngamadola ayizigidigidi ezingama-450 ngowezi-2035.

Umsunguli nesikhulu esiphezulu seDLO Energy Resources Group, uLinda Mabena- Olagunju (osesithombeni), uthe lesi sivumelwano sinikeza abesifazane boHlanga abangosomabhizinisi baseNingizimu Afrika njengaye ithuba lokukhulisa amabhizinisi abo phezu kwezingqinamba ezikhona kuleli zwe njengokucishwa kukagesi, inkinga yamanzi kanye nokonakala kwengqalasizinda, phakathi kokunye.

UMabena-Olagunju uthe isivumelwano sizovula indlela yokuthi kube khona ukuhweba okuzokwenziwa kalula ngayo ezwenikazi lonke. “I-Africa Free Trade Agreement iveza ithuba lokuthi abesifazane bakhulise amabhizinisi abo. Ngakho-ke, uma ubheka ibhizinisi lami njengesibonelo, sisembonini yamandla.

See Also

Siphethe elinye lamapulazi amakhulu omoya eNingizimu Afrika, akunjalo? Futhi singamandla amakhulu njengenhlangano yabantu besifazane. Nokho, iNingizimu Afrika iyimakethe enabantu abayizigidi ezingama-60 kuphela. Ngakho-ke uma uzokhulisa ibhizinisi lakho, udinga ukuqala ukubheka ukuthi ulenza kanjani ibhizinisi ngaphandle kweNingizimu Afrika nozakwenu base-Afrika futhi nihweba ngogesi kulezo zindawo.

Okwethulwa yi-Africa Free Trade Agreement kuyithuba lethu lokuthi sikwazi ukukwenza lokhu ngoba kubeka abantu besifazane phambili ngokuthi ‘besifazane base-Afrika, zama ukukhulisa amabhizinisi akho ngaphezu kwemakethe yasekhaya.’ ukwenza kube lula ukuhamba kwezimpahla, sizama ukwenza kube lula ukuhwebelana phakathi kwama-Afrika.”

Scroll To Top