Now Reading
Indaba yentuthwane
Dark Light

Indaba yentuthwane

UNtuthwane Omncane wayede egconwa. “Izintuthwane vele azifundi. Izintuthwane kufanele zazi ukudla nje kuphela. Izintuthwane ziqoqa ukudla ezikudingayo.”

UNtuthwane Omncane wayefunda usuku lonke, wayefunda efunda usuku lonke. Ezinye izintuthwane zazicosha ezikutholayo zikugcinele isikhathi sasebusika ngaphansi komhlaba.

Umama nobaba bacasuka kakhulu, kanti noNtuthwane Omncane waphatheka kabi kakhulu.

Ekwindla lapho amaqabunga ewela phansi, izintuthwane kufanele ukuthi zigcine ukudla kwazo emgodini ngaphansi.

Indlovukazi yona ifuna ukudla ukuthi kugcwale enqolobaneni, nokusho ukuthi zonke izintuthwane kusafanele ukuthi zisebenze kakhulu.

UNtuthwane Omncane uyaqala uyamemeza ngendawo afunde ngayo, “Thina lapha sidinga irestorenti, nokuyindawo lapho abantu behamba bafike badle khona. Kushiwo njalo lapha ezincwadini zami engizifundayo.”

Zasuka lapho izintuthwane zamasha zihamba ngazodwana. Zihamba zibheke ngalapho kushona ngakhona ilanga.

See Also

Khona manjalo uNtuthwane Omncane wathi, “Hhayi bo, nansiya irestorenti!” Zaqhubeka izintuthwane zihamba zilandelana zishaye ujenga, zithwele ibhega, zithwele ibhanisi.

Kwathi lapho izintuthwane zibuya indlovukazi yabe ithokozile. Kwagcwala izinqolobane. Kwadansa yonke intuthwane yinjabulo.

Udadewabo kaNtuthwane omncane wabamba sandla sakhe wathi, “Uyabona manje ngicabanga ukuthi ngiyakuqonda okwenzekayo. Indlela othanda ngayo ukufunda incwadi … Yenza ukuthi nami ngifune ukufunda incwadi.”

Scroll To Top