Now Reading
AbaseHaiti bathi sebekhathele amaqembu ezigebengu
Dark Light

AbaseHaiti bathi sebekhathele amaqembu ezigebengu

Kube nokushuba kwesimo enhlokodolobha yaseHaiti, iPort-au-Prince ngoMsombuluko, njengoba izinkulungwane zababhikishi zingena emigwaqweni zikhuluma ngodlame lwamaqembu ezigelekeqe ezweni, oluholele ekutheni ngeledlule kushone iphoyisa.

Izimoto zikahulumeni zashiswa, njengoba ababhikishi – abaningi bezifihle ubuso – bejikijela amaphoyisa, befuna ukuvikelwa nosizo. Iziphathimandla ngokuhamba kwesikhathi zasebenzisa isisi esikhalisa unyembezi ukubahlakaza, kusho abazibonele. Omunye umbhikishi osemusha, uJames, uthe ubemashela ukwanda kwamaqembu ezigebengu, osekucekele phansi ukunakekelwa kwezempilo nokuvikeleka, nezibalo ezikhulayo zokuthumba nokubulawa kwabantu. “Ngeke sisakwazi ukuphila kanje. Ezinye izindawo ‘ziphethwe yilamaqembu’,” usho kanje. “Abantu bashiya amakhaya abo.”

Inhlangano iUnited Nations ithe abantu ababalelwa kwi-73 500 babaleka eHaiti ngonyaka odlule ngenxa yodlame lwamaqembu ezigelekeqe kanye nobubha. I-UN iphinde yathi izigidi ezingu-5.2 – cishe ingxenye yabantu baseHaiti – badinga usizo lobuntu, futhi isinxuse isidingo sosizo lwamazwe ngamazwe eHaiti ukuze kubuyiselwe uzinzo.  “Kukhona  amasela. Asikwazi ukulala. Asikwazi ukudla. Asikwazi ngisho ukuphila. Asizange siwadale amaqembu ezigebengu,” kusho omunye obemashi.

See Also

Ababhikishi batshele abeReuters ukuthi bafuna kube “nokungenelela” endaweni yasePort-au-Prince eCarrefour-Feuilles, begxeka ukuntuleka kwezinsiza zezempilo nokufa kwabantu ezandleni zamaqembu ezigebengu. “Sicela amathangi,” kusho omunye umuntu.

Scroll To Top