UHlatshwayo obemataniswa neZimnyama uthembisa lukhulu
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Isitobha seLamontville Golden Arrows uSicelo Hlatshwayo, zimukhuthaze kakhulu izindaba zokuthi bekukhona elinye lamaqembu amakhulu akade emugaqele.
UHlatshwayo ofike kwiLamontville Golden Arrows maphakathi nesizini esuka eqenjini laseLimpompo iMarumo Gallants, ubefunwa uthuli izinkunzi zaseSoweto i-Orlando Pirates kodwa kwagcina konke kuphelela endleleni.
“Ngiyalazi udaba lwePirates kodwa ayikaze ikhulume nami. Kukodwa nje lokho ukumataniswa naleli qembu, kungikhuthaze kakhulu ekuthenini ngisebenze kakhulu. Lokho kungitshela ukuthi impela kukhona okuhle engikwenzayo” kusho uHlatshwayo
Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-29 nodabuka eNewcastle, uthe kuyamjabulisa ukuthi usawumdlali waBafana Bes’thende (iLamontville Golden Arrows) nokuthi uyalithola nethuba lokudlala. Efika kuBafana Bes’thende imidlalo emibili kuphela angayidlalanga.
“Ngiyakujabulela ukuthi ngifike kwi-Arrows kwenzeka lokhu ekade ngikufisa mangifika. Bengifisa ukudlala imidlalo eminingi kwenzekile lokho. Ngagcina nginyelwa inyoni esandleni ngibizelwa eqenjini lesizwe iBafana Bafana” kubeka uHlatshwayo nothe usafuna ukuphinde abizwe kwelesizwe.
Ngesizini edlule Abafana Bes’thende baqede iligi besendaweni yesishiyagalolunye kulogi. Lokho kusho uktthi baphuthwe ithuba lokudlala iMTN 8 abake bayinqoba ngowezi-2009.
UHlatshwayo ephawula ngokungaqedi kwabo kwiTop 8 uthe: “Kuhle ngoba siyayiqonda kahle kamhlophe imbangela okuyiyo eyenze sangaqeda kwiTop 8 ngesizini edlule. Ukuthi iqembu aliqalanga kahle, kulokhu sizokwenza isiqiniseko siyiqala kahle njengoba umdlalo wethu sizowudlala ekhaya nasenkundleni entsha” kunaba uHlatshwayo.
Abafana Bes’thende kule sizini bazodlala imidlalo yasekhaya eMpumalanga Stadium (eHammarsdale), ngesizini edlule bebesebenzisa iPrincess Magogo Stadium, KwaMashu. Umdlalo wokuqala wesizini ka-2023/23 bazovula neSwallows FC ezobuya nezibhamu ezintsha, kanye nomqeqeshi omusha uSteve Komphela.
UHlatshwayo uthe uyazi ukuthi iSwallows FC inabadlali abasha abadlala kahle, kodwa nabo bazokwenza isiqiniseko sokuthi benza kahle njengoba befuna ukuthatha amehlo abalandeli abasha baseHammarsdale .
Abafana Bes’thende ihanjelwe abadlali abathathu abamqoka okuwuPule Mmodi ojoyine iKaizer Chiefs, uNtsako Makhubela ojima neSwallows FC noDivine Lunga obuyele kwiMamelodi Sundowns.
“Impela labadlali bahambile eqenjini kodwa akusho ukuthi kuphelile ngeqembu, sizoqhubeka nokudlala sifeze leli phupho esinalo ukuqeda sibalwa namaqembu amahlanu phezulu” kusonga uHlatshwayo.
Kubadlali abasayiniswe Abafana Bes’thende uBradley “Mlungu” Cross obekwiMaritzburg United, uLungelo Nguse obekwi-University of Pretoria (Tuks), uTebogo Motloung yena obekwiTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM), u-Olwethu Ncube no-Angelo Van Rooi akade bekwiHungry Lions.

