Now Reading
Kukhona abalobizela ukubuyela eZimbabwe bayovota
Dark Light

Kukhona abalobizela ukubuyela eZimbabwe bayovota

Ezinye izakhamuzi zaseZimbabwe ezihlala futhi zihweba eNingizimu Afrika seziveze ukuthi zizimisele ukubuyela ezweni lazo ukuyobamba iqhaza ekuthuthukiseni umnotho kanye nokuvota kukhetho oluzayo.

IZimbabwe izosingatha ukhetho mhla zingama-23 kuNcwaba. I-National Statistics Agency yezwe ngesonto eledlule imemezele ukuthi isamba somkhiqizo wasekhaya sikhule ngama-6.2% ngekota yokuqala ka-2023.

Ongumsinsi wokuzimilela eZimbabwe, uMnu uKripo Chinyowa, uthe kunenhlansi yethemba lokuthi umnotho wezwe ubuyela endaweni yawo. UChiyowa uthe uhlela ukwelula ibhizinisi lakhe le-graphic design abuyele ekhaya futhi ubheke ngabomvu ukhetho ngenyanga ezayo.

“Silubonile ushintsho oluningi ngizinze lapha emngceleni weMusina eduzane nezwe lami ngakho ngiyawubona umehluko enginawo kule minyaka eyisikhombisa edlule. Ngakho-ke ngibona ithemba elikhulu kukhona abantu  abafika lapha bethi kuningi okwenzekayo futhi benza ibhizinisi ekhaya ngakho-ke kuningi okwenzekayo senze umsebenzi omningi ngalolo hlangothi futhi sibhalise inkampani khona njengendlela yokuhlela ukubuyela emuva.”

See Also

Ukhetho olwedlule kuleliyalizwe lakhungathwa yizinto ezinningi okwenze izingqapheli zizibuze ukuthi ngabe ukuvota kwenziwa obala. Bekhuluma nabameli kanye nezinhlaka ezihlola ukhetho ngoMsombuluko, izikhulu zikahulumeni waseZimbabwe zazifuna ukuqinisekisa amazwe omhlaba ukuthi izwe selikulungele ukusingatha ukhetho olubalulekile.

Nokho kunokukhathazeka mayelana nokuthembeka kokhetho njengoba amaqembu aphikisayo kanye nezingqapheli beveze izinto ezimqoka.

Scroll To Top