Injabulo uMsinga uphunyuka ecaleni lenganono
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.


Kuqhume amakhwelo nemikikizo kubantu baseMsinga ngesikhathi iqembu lakhona uMsinga United ogijima ku-ABC Motsepe League esifundazweni iKwaZulu-Natal uphuma phambili kwelinye lamacala obubhekene nalo okuwukuqhunyiswa kwezibhamu enkundleni.
Yize uMsinga United uphume phambili ecaleni lokudubula kodwa ube usujeziselwa icala lokulimaza inkundla iHarry Gwala Stadium.
UMsinga United wawubhekene e-Orbit College emidlalweni yokuhlungela ukwenyukela kwiMotsepe Foundation Championship, sekungumlando ukuthi iqembu laKwaZulu-Natal lagcina liguqile. Kwathi kungaphela umdlalo abalandeli bajomba bangena enkundleni, bekhala ngonompempe ukuthi wayenzelela i-Orbit Calollege eyagcina ikwazi ukunyukela kuMotsepe Foundation Championship.
Ngokutholakala naleli cala lokulimaza inkundla uMsinga ube usuhlawuliswa izinkulungwane ezingama-R200, nokho le nhlawulo izolengiswa ngombandela wokuthi ungatholakali necala elifanayo. Kuphinde kwavela ukuthi uzophinde udlale imidlalo yeligi emithathu ngaphandle kwabalandeli enkundleni.
ElaboHlanga likhulume noSihlalo woMsinga United nothe: “Kuyasithokozisa kakhulu ukuthi yize sitholakale necala, kodwa siphume phambili kuleli lokuqhunyiswa kwezibhamu. Impela lokho kwalingcolisa igama leqembu, wonke umuntu wayethi abantu baseMsinga yibo abaqhumisa izibhamu. Leli lokulinyazwa kwenkundla siyalivuma lokho kwenzeka, okuyinto engasijabulisanga nakancane. Ngesijeziso esisitholile sisazozama ukuthi sikhale sisincishiselwe” kubeka uMpanza. UMsinga United baningi akade bethi kungenzeka udingiswe ebholeni, ngoba bethi lokhu owenziwa abalandeli bawo akulungile neze.
“Nangesikhathi kusanda kwenzeka okwenzeka eHarry Gwala Stadium, sabuza ukuthi ubani ongakuqinisekisa ukuthi abantu boMsinga United abaqhumisa izibhamu. Siyazi indawo uMsinga unomlando omubi kodwa konke lokho sekwashintsha, ingakho sineqembu eligijima ku-ABC Motsepe League sinabantu abaningi abaphumelele abaqhamuka khona. Abantu abayeke ukuthi makwenzeke into embi bese beyasizakala, kodwa makwenzeka enhle bahoshe izinyawo. Buka nje abadlali abathathu abaqhamuka eqenjini basayiniswe iRichards Bay FC, okuyinto enhle kakhulu leyo” kusho uMpanza. Kubadlali abasayiniswe iRichards Bay FC uNkululeko Miya, uBandile Ndlovu noThabani Mthembu abadlalile kwiKZN Premier’s Cup ebingempelasonto edlule eThekwini.
Mayelana namalungiselelo angesizini ezayo uMpanza uthe: “Kunamampunge athi bonke abadlali besebehambile ngenxa yokuthi iqembu kungenzeka lidingiswe. Ngikhuluma nje abadlali baqalile ukuzilungiselela isizini ezayo. Ngiyethemba ukuthi kulokhu sizoya emdlalweni yokuhlunga siphinde sinyukele kuMotsepe Foundation Championship” kubeka uMpanza.
Leli qembu lihlulekene nobengumqeqeshi walo uDoctor Mkhonza osezoqeqesha uMkhumbane Classic kaSthembiso Mabaso.
Izintambo zoMsinga United zizobanjwa uMpumelelo Terrence Mpanza, ozobe eqala ukuzibambela mathupha njengomqeqeshi isikhathi esiningi ubeba isekela kusukela kwiHappy Wanderers, iG Millionaire FC nawo uMsinga United. Uzolekelelwa uSimphiwe Zondi noMla Zuma.

