UZandi ungufakazi onguhubhu kabhejane: abammeli


Selokhu eqalile emasontweni edlule ukwethula ubufakazi ecaleni likaSenzo Meyiwa uZandile “Zandi” Khumalo kukhalwa ngokuthi unguhubhu kabhejane osekucacile ukuthi konke akushoyo uyazakhela. Osukwini lokuqala engene ebhokisini lofakazi, abantu babeshiya abangalazi ngobufakazi bakhe ezinkundleni zokuxhumana, bekhaliswa ukungahlangani kwezinto azishoyo.
Kukhona abaze baveza nokuthi ngesikhathi enenkulumo ekhethekile nesiteshi sethelevishini i-eNCA wayenokuzethemba futhi nento ayeyikhulu yayiwenza umqondo. “Kuyacaca ukuthi intokazi yakwaKhumalo lukhulu elwaziyo ngaleli cala kodwa engafuni ukukuveza ngoba zinsuku zonke sizwa izitatimende ezihlukene ebufakazini bakhe,” kuphawula uSteve Bini kuTwitter.
Okushiwo abalandela leli cala kuphinde kwafakazelwa nangummeli womunye wabamangalelwa u-Advocate uZandile Mshololo. Ummeli uthe uZandile ungufakazi ongathembekile ngoba ufike asho okuthile bese kuba nguye futhi oziphikisayo. “Uhluleke wancama ukunika incazelo egcwele ngezingubo ezazigqokwe ummangalelwa wesibili,” kusho u-Advocate uMshololo.
Lokhu kuphinde kwagcizelelwa nangomunye ummeli u-Advocate Zithulele Nxumalo, omele omunye abasolwa. Utshele uZandile Khumalo ukuthi indlela okushayisana ngayo ubufakazi bakhe nezitatimende azenzile ziveza ukuthi uMeyiwa kusho ukuthi wadutshulwa ngomunye wabantu ababesendlini futhi akukho ukuphanga okwenzeka. “Umufi akazange azibulale yena, “ kusho u-Advocate uNxumalo.
Izolo u-Advocate uMshololo utshele inkantolo ukuthi umuntu owayefuna ukuqeda ngoSenzo Meyiwa kwabe kunguKelly Khumalo. Kulokhu uMshololo ukhulume ngomqhafazo owathunyelwa uKelly kudadewabo ongufakazi wombuso uZandile Khumalo, owawuthi ufuna ukuphuma manje kulobu budlelwane. Kweminye yemiqhafazo uKelly ayithumelela uZandile, wayebhale ukuthi:
“Engingakwenza ukuthemba nokuthandaza ukuthi lizofika usuku lwami lokuthi ngikhululeke kuye.” UMshololo uphinde wacela inkantolo ukuba idlale ividiyo yenkulumo kaZandile ayenza nesiteshi sethelevishini i-eNCA lapho ayekhuluma khona ngelanga lesigameko. Kule nkulumo uZandile uthi amaphoyisa abheka nxa zonke ngisho nakunkosikazi kaMeyiwa uMandisa Mkhize. UZandile wenza nezinsolo zokuthi kungenzeka nokuthi kwakusoshwe ukubulala uKelly. UMshololo uthe inkantolo ayinayo into ebambekayo eveza ukuthi uMandisa wayengasamfuni uMeyiwa.