Kuyoba nini inja emnyama idonswa ngeketanga



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
“Sono sethu ubumnyama” lezi yizinhlamvu zengoma yomzabalazo eyayibika usizi esibhekene nalo singabohlanga ngaphansi kwahulumeni wobandlululo. Ngemuva konyaka we-1994 inkolelo nenkulumo lapha enhlabathini yayithi kulesi sigaba sesidlulile sesingaphansi kwedemokhrasi futhi kuhulumeni oholwa ngabafana nathi ngokwebala futhi abazaziyo izimfuno nezinkolo zethu ngoba nabo bayithi.
Kepha okuthusayo kubukeka ngathi sibuyela emuva kakhulu kunalapho esiphuma khona, ngezikhathi zobandlululo yebo mina ngangingakayiboni inhlamvu yelanga kepha umlando oxoxwayo ngezithombe, ngomlomo kanye nalowo osemabhukwini wawungithatha ungibeke ngilubone ngamehlo engqondo usizi ogogo,omkhulu, obaba nomama ababephila ngaphansi kwalo. Nakimi mangifunda umlando waleziya zikhathi ngifikelwa wusizi lokuthi isidalwa esingumuntu sasisithathaphi isibindi esingaka sokucindezela esinye ngenxa yebala laso isizulu esingakwazi kwakulishintsha.
Ngokuhamba kweminyaka ngikhule ngihlonipha futhi ngijabula ukuthi cha ngempela sesiphila esikhathini sedemokhrasi futhi konke kuhamba kahle kodwa kuthe ngokukhula ngokomqondo nangokuqonda impilo lapha ngaphandle ngabona ukuthi cha namanje inja emnyama isadonswa ngeketanga umehluko ngukuthi kushintshe oyidonsayo. Kuleminyaka engama-29 isandla sesihluku phezu kwabohlanga sishintshe sisuka kwabaDeshi namaNgisi saya kithi ngqo singabohlanga njengoba sinohulumeni esinenkolelo ethi ngowethu futhi umele thina. Kepha kusaqhubeka kuyafana abakwethu sebecindezela thina uke uzwe ngisho umntomdala esho amazwi mina engiwathatha ngokuthi abuhlungu futhi ayisiqalekiso esinzima kunazo zonke athi “kwakuncono ngisho uhulumeni wamaBhunu kunalona wethu” lamagama-nje ewodwa afikisela owaphila nongaphilanga ngesikhathi sobandlululo ngosizi oluyisimanga. Kungathi usulwe walahlekelwa ngabafowenu nodadewenu usuhola izwe mase uthi wena kwakungcono kusabusa owayekuhlukumeza , awu nina bohlanga lamagama angiphelelisa ngisho nethemba lokuthi kuyophinde kulunge kulelizwe.
Ukudonswa kwenja emnyama ngeketanga ngofana nayo sekujule ngalendlela yokuthi kwanathi asisazazi ukuthi siyini emhlabeni. Lokhu ukubona ngezinto-nje ezincane ongathi mawuzibuka uthi azinasimanga, boke uzwe umuntu mayekhuluma ngeSILO noma ngamaKhosi awagagule ngegama kodwa awuke umnike ithuba lokuxoxa ngeNdlovukazi yamaNgisi , umuzwa eveteza phezulu ethi “uQueen Elizabeth”mase ufikelwa wusizi lokuthi awu usuzinyeza ngalendlela yokuthi ukhohlwa ukubaluleka kwesiphiwo esabekwa nguMvelingqangi njengesandla sakhe sokuphosa kwaboHlanga kepha uhloniphe esokuphosa kwamaNgisi. Ngingasagxile ekubizeni amagama ukuze ngingaphumi esihlokweni sami.
Ngibhala lombhalo ngizwa ubuhlungu ngezimpilo zaboHlanga ezalahleka ngesikhathi sezibhelu zangowezi-2021 kuNtulikazi kepha okungihlukumeza kakhulu kunakho konke indlela uhulumeni wethu ongayithatheli phezulu indaba yalemiphefumulo eyalahleka ngesandla sezinhlanga ezithize ezazihlomile ikakhulukazi endaweni yasePhoenix. Angifisi nokuthi ngize ngichaze ukuthi uluphi uhlanga olwachitha igazi laboHlanga ngoba kuyoze kuthiwe sekunenhlese yokugadla kolunye uhlanga. Yebo siyezwa ezinkundleni zokuxhumana nakumathelevishini kuthiwa kuboshwa obhongoza bezibhelu kepha kasizwa lutho ngabachitha igazi laboHlanga, asizwanga ngisho uhulumeni ukugxeka ngakho konke okwenzeka kuchitheka igazi laboHlanga.
Okubuhlungu ngalokhu ngukuthi uhulumeni osiholayo ungowaboHlanga abafana nathi kodwa yibo kanye abangaluthatheli phezulu loludaba. Nginenkolo yokuthi ngemuva kowe-1994 izakhamizi zalelizwe zazikholwa ukuthi makukhulunywa ngaboHlanga angeke kukhulunywe ngezinombolo ezigcwalisa isibalo sezwe kepha ngosibanibani wakwasibanibani ongumakhelwane kasibanibani.
Sengiphetha umbhalo wami ngiyafisa ukuthi singaboHlanga sihlalephansi sizicabange kahle ngempela ukuthi thina siyini kulelizwe sizikhuculule inkoleloze eyafakwa ngabacindezeli kithi yokuthi kasilutho. Entsheni engontanga yami ngiyafisa siphakame sibe yisibani kulobumnyama esilengela kubo, kwabazali bethu ngithi qinani bomama nobaba qinani bomkhulu nogogo izwe enalilwela lizobuya libe yilokho enanikufisa mhla kuchitheka igazi lenu, sibekezeleleni banini udondolo lethu kulendlela akungabi yini (baholi boHlanga) ekufaneli nibe yisihlangu sethu empini kodwa niphenduke umkhonto ogwaza ekhaya. Isono sethu akungabi ubumnyama bethu kepha akube yisikhali sethu sokunqoba izizwe.