Ubumnini bomhlaba, umthetho nepolitiki



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Izinkomba zithi utshani bomile kuswelakele ozokokhela umlilo
PHEZU kwezinqumo eziningi zezinkantolo mayelana nobumnini bomhlaba nayilapho uHulumeni ehlulwa khona isikhathi esiningi, umlando wepolitiki wase-Afrika ukhomba ukuthi udaba lomhlaba luxazululwa yipolitiki hhayi yizinkantolo. Okwenzeke eZimbabwe muva nje kufakazele lokho ngesikhathi emuva kweminyaka engamashumi amabili enkululeko, ipolitiki yaqhamuka nesixazululo esenza kwanokubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwababecindezelwe kanye nalabo abazuza umhlaba ngenxa yengcindezelo.
Ngenyanga eyedlule elaboHlanga ngaphansi kwesihloko esithi: Intabamlilo Engaqhuma Noma Yinini, lidalulele umuzwa walaba ababecindezelwe, laphinda laveza ukuthi udaba lomhlaba lungase lube nini kosopolitiki namaqembu abo. Lesi simo sifakazelwa nayizinkulumo zamaqembu ezombusazwe kuleli nakuveza ngokusobala ukuthi udaba lomhlaba yilo ongakha noma lu bhidlize ‘ukubuyisana kwezinhlanga’ kuleli.
Ephawula esifundweni sezepolitiki esabe sihlelwe yi-African National Congress (ANC), ungoti wepolitiki uDkt uSomadoda Fikeni akananazanga ukwexwayisa iqembu elibusayo mayelana nomhlaba. Enkulumeni yakhe uDr uFikeni wexwayisa ngokuthi nxa leli qembu lingasebenzisi inqubomgomo yalo ekhuluma ngokubuyiswa komhlaba, amaqembu aphikisayo azongena ngenxeba aqhamuke nendlela yawo yokulungisa isimo. “Uma isinqumo singaphuthunywa, inqubo izenzakalela, lezi zinto zizokwenzeka; amanye amaqembu ezepolitiki aphikisayo azozandisa yize zingekho kuHulumeni ngendlela yokuthi zithathe umgudu ofanayo ziyilolonge ziyibeke njengodaba olulula, ngendlela embi, ukuze wonke umuntu athi ‘nanku umbiko’,” kusho uFikeni.
“Ngakho-ke kuyaphuthuma ngasohlangothini lukaHulumeni.”
Izinhlangano i-Economic Freedom Fighters Kanye neBlack First land First, seziphumele obala ukuthi ‘lena sekuyimpi yawo’. Zombili lezi zinhlangano seziqalile ukuthi aboHlanga kabagasele ezindaweni ezithile bazithathele umhlaba. Isenzo sala maqembu sibukeka singawahlalisi kahle amanye amaqembu anabalandeli abaningi okungebona aboHlanga.
UMholi weFreedom Front Plus uDr uGroenwald ukhwele wadilika kwabe-EFF nabasola ngokokhela umlilo oyobhubhisa leli lizwe. Uqhubeke wathi abantu kufanele bayeke ukuvukelwa wumoya bathi abanye bantshontsha izwe. Uthe lokhu kuwukuphawula okuyingozi njengoba iNingizimu Afrika iyilizwe ledemokhrasi ngokomthethosisekelo. Akukho muntu owantshontsha umhlaba. Abanikazi bomhlaba abasemthethweni bawukhokhela, futhi bawusebenzela.
“Abantu kufanele bakhohlwe insumansumane yokuthi umhlaba uvele ukunothise. Ngisho umuntu enomhlaba, kusafanele asebenze kanzima ukuze anothe, futhi anginasiqiniseko ekutheni wonke umuntu ofuna umhlaba ufuna ukusebenza kanzima kangaka.” Kusho uDkt uGrenwald.
Ngokusho kukaMnu uFrans Cronje oyisikhulu se-Institute of Race Relations abalimi abahwebayo abayizi-35 000 abasele besuka kwabayizi-60 000 ngowe-1996 basemqoka ekukhiqizeleni abantu abayizigidi ezingama-54 ukudla okuyisibalo esenyuke sisuka ekukhiqizeleni abayizigidi ezingama-40 ngowe-1995, bakhiqizela ukuba kube nomthelela ongama-3.9% emkhiqizweni wezwe, baqashe abantu bangaphezu kwezi-650 000 iningi labo elingenamakhono futhi abasiza ekukhuliseni izimpahla ezithunyelwa kwamanye amazwe basize ekubambeni inzikamnotho.
Abalimi kabayizwa lena yokubuyiselwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo ngoba bami ekutheni umhlaba bawuthenga futhi sebewasebenze kakhulu, okwenza babe ngabanini bangempela.
AboHlanga bona bami kwelokuthi baphucwa umhlaba ngakho kumele banxeshezelwe. Kubo aboHlanga kukhona abakhala ngokuthi izethembiso zokubuyiselwa komhlaba kazikafezeki. Kubo kukhona abathi umhlaba kawubuye ngaphandle kwenkokhelo njengoba kwasekuqaleni abahlaseli babengakaze bakhiphe ngisho indibilishi mhla bewephucwa aboHlanga ababeholwa ngaMakhosi. Kulokhu aMakhosi nalabo abahambisana nawo bami kwelokuthi umhlaba wathathwa eBukhosini ngakho nxa usubuyiswa awubuyele ebuKhosini ukuze kube lula ukuwaba njengasendulo. Bayaphikisana nokuthi umhlaba lona ubuyiselwe kumuntu ngamunye noma amaTrust ngoba bathi kawuthathangwa kumuntu thize kepha wathatha ezizweni zamakhosi.
Kulo futhi uhlangothi lwaboHlanga kukhona abathi akubona bodwa abacindezeli abagweve nomhlaba kepha namaKhosi nawo enza okufanayo. Laba bona bazenza amaqoqwana ngaphansi kwamaTrust nayilapho befaka khona izicelo zokubuyiselwa umhlaba. Bathi aMakhosi kawanganikwa umhlaba kepha akunikwe amatayitela umuntu ngamunye noma abantu abangamaqoqo benze abakufisayo.
Konke lokhu kukhomba khona ukuthi utshani bomile kwelomhlaba kuswelakala ozothungela umlilo. Unyaka ozayo uzocacisa ngalokhu njengoba kubukeka amaqembu ezepolitiki esemi ngomumo ukulwenza umkhankaso oshisa phansi nokungenza umsindo ebesiwubona siwuzwa ngemfundo yamahhala kube ngumdlalo nje.