Now Reading
Bebefeza izinjongo ze-UN abaholi base-Afrika
Dark Light

Bebefeza izinjongo ze-UN abaholi base-Afrika

Imibono isalokhu iqhubekile nokwehlukana mayelana nokuhambela kwamazwe ase-Afrika e-Ukraine naseRussia emasontweni ambalwa edlule. Baningi abathi – ikakhulukazi abahlaziyi nabezokuxhumana bakumazwe aseNyakatho – loluhambo alusizanga ngalutho, kuphinde kube khona abathi kusasekuseni ukuthi kungathiwani ngaloluhambo. Phezu kwakho konke lokhu uhiliziswano olwaba khona ePoland phakathi kwabaseNingizimu Afrika nabezokuphepha kulelizwe kwagcina sekuba wudaba olufiphaza injongo nokubaluleka kwalesinyathelo sabaholi base-Afrika.

Noma ngabe imibono isashayisana lesinyathelo sisithatha njengesiyingqayizivele kumlando wobudlelwane bamazwe ngamazwe. Selokhu kwathi ntlo – ikakhulukazi kusukela ngowe-1945 emveni kokusungulwa inhlangano yamazwe i-United Nations (UN), akukuze kwaba khona isimo lapho abaholi base-Afrika bethatha isinyathelo esikhombisa ukuthi bathi nabo, njangamalungu ale nhlangano kumele futhi banezwi kwizigameko eziphata amazwe angaphandle kwalelizwekazi.

Kunalokho, okuvame ukwenzeka ukuthi kusuka abaholi bakwamanye amazwe, ikakhulukazi abaseNyakatho baphume bengena bephindelela emzaweni ase-Afrika uma kuneizingqinamba ezithile ikakhulukazi ezifaka ezempi nemibango kulelizwekazi.

Labaholi, lokhu bakwenza ngoba bezitshena futhi bazi kahle kamhlophe ukuthi elabo izwi kumele lilalelwe emhlabeni jikelele. Lokhu usekujwayelekile kuze kwenze ukuthi abaholi namazwe athile – ngisho awase-Afrika imbala – alindele ukuthi ikhambi lalokho ababhekene nakho loqhamuka uma sekungenelele amazwe nabaholi baseNyakatho. Yingakho kungasamangazi ukuzwa ukuthi izingxoxo zokwakha uxolo ezweni elinjengeSudan zizobanjelwa eJedda okuyiNhlokodolobha yaseSaudi Arabia, noma ezaseLibya zibanjelwe eGermany. Uma lokhu kwenziwa ayibiminingi imilomo ebuza ukuthi yini lena eyenziwa abaholi baseGermany noma abaseSaudi Arabia?

Labo abasagxile ekutheni lezihambeli eziqavile zase-Afrika zibuye zilambatha bayakhohlwa wukuthi akuvamile neze ukuthi igalelo laloyo noma labo abanezinjongo zokuxazulula isimo lisheshe lizwakale. Futhi kuyaye kwenzeke ukuthi osuke ezibeke esimweni sokuba umxazululi noma umxhumanisi wezinkunzi ezalanayo, iyaba khona kuzona noma zonke zimane zingamushayi ndiva. Isibonelo nje, umholi webandla lamaKhatholika uPhapha uFrancis ngowe-2019 mhlazane ezama ukwakha ukubuyisana phakathi kuka Mengameli uSalva Kiir nePhini lakhe uRiek Machar baseSouth Sudan waguqa phansi ngedolo wanga izinyawo zabo nokwaba yisenzo abaningi abathi sabe siwuphawu olukhombisa ukuzithoba phambi kwalabaholi kwasekuthiwa kumele lubathinte bese bephuthuma ngeyokwakha uxolo.

Emveni kokuhambela eRome kwalabaholi impi yaqhubeka eSouth Sudan, nokuyinto abanye abangayithatha ngokuthi uphawu luka Phapha abalushayanga ndiva, kepha ngakolunye uhlangothi bakhona abangathi lesenzo sabayingxenye yezinyathelo namagalelo enza ukuthi labaholi baze bafinyelele kweyokuthi babuyisane. Esiqonde ukukugcizelela wukuthi kusasekuseni kakhulu ukuba nemimbono engaqinisekisa ukuthi lulohambo alubanga nagelelo. 

Indlela abanye abayithathengayo ayehlukile naleyo kanye nezinkulumo ezihlambalazayo ezavela ngenkathi ongasekho uKofi Annan ehambela e-Iraq emizamweni yakhe yokugwema ukuba lelizwe lihlaselwe ngowezi-1998. Emveni kokuba edalule isinqumo sakhe sokuhambela e-Iraq, oka-Annan – nowayenguNobhala-Jikelele we-UN ngalesosikhathi – wabonwa engosehlulekile ngisho nangaphambi kokuthi aqale. Lezi ngezinye zezigameko ezike zithande ukukhombisa ukuthi ukucwasa nokubukela phansi abaholi base-Afrika kwandile ebudlelwaneni bamazwe ngamazwe. Lelizwekazi nabaholi balo, bathathwa njengezicela nkobe okumele zingabi nazwi kokwenzeka kwamanye amazwe, kodwa kube kulindeleke ukuthi noma yimuphi umholi wakwelinye izwe noma ngabe lilincane kangakanani angaba nezwi ngokwenzeka eAfrika.

Uhlu lwemithetho yokusebenza kwe-UN (UN Charter) ithi lenhlangano yasungulelwa ukuba ikwazi: ukuthuthukisa ubudlelwano bobungani phakathi kwezizwe nokusekelwe ekuhlonipheni umgomo wamalungelo alinganayo nokuzibusa kwabantu, nokuthatha ezinye izinyathelo ezifanele zokuqinisa ukuthula emhlabeni jikelele.

See Also

Iphinde iqhubeke ithi enye yezinhloso zale hlangano: ukufeza ukubambisana kwamazwe ngamazwe ukuxazulula izingqinamba zomhlaba jikelele zezomnotho, ezenhlalo, amasiko, futhi ukugqugquzela nokukhuthaza ukuhlonishwa kwamalungelo awowonke umuntu … ngaphandle kokubandlulula ngokohlanga.

Lemigomo emisiwe yalenhlangano yiyo eyazisa isinqumo sabaholi base-Afrika ukuthi bangenelele kweyase-Ukraine neRussia, ngoba nabo – njengabanye abaholi bakwamanye amazwe – bangamalungu e-UN ngakho ke banezibopho futhi bagunyaziwe ukuthi bafake isandla nxashane kukhona izinkinga ezingadunga ukusebenzisana nokwakha ukuthula emazweni omhlaba.


UMnu Senzo Ngubane, uNgoti kwezocwaningo lokudala ukubuyisana nokuthula ezwenikazi i-Afrika

Scroll To Top