Odokotela nabama-Medical Aid basadinga incazelo ngeNHI


Siyaqhubeka nombhalo esiwuqale ngeledlule ngohlelo lukaHulumeni lwezokwelapha iNational Health Insurance Fund (NHI) okuhloswe ngalo ukutakula abadonsa kanzima kwezokwelashwa ngoba bengenawo ama medical aid okwenza kube nzima ukubhekana nezindleko zezibhedlela nemitholampilo.
INHI izolawulwa uhlaka olungaphansi kukaSchedule 2 olungaphansi kwePublic Finance Management Act. Umyalelo onikezwe abazoshayela lolu hlelo ukuthi ukusebenza kwalo kubonakale ezindaweni oludingeka kuzo. UNgqonqgoshe Wezempilo kuZwelonke, uDkt uZweli Mkhize uzoqoka abantu abali-11 abazoba ngamalungu eBhodi, omunye wabo uzomela ungqongqoshe ngesikhathi sekwenziwa isiqiniseko sokuthi iNational Health Insurance Fund iyaqala ukusebenza. Amalungu eBhodi azobika kuNgqongqoshe, futhi kuzoba yiwo azoqoka ozoba yiSikhulu Esiphezulu. UDkt uLance Lasersohn ongungoti we- Intensive Care Phyisician, uthi kuningi okusadinga ukubhekwa.
“Ukungabikhona kwemigomo nemibandela kuseyinkinga enkulu. Ekugcineni ngungqongqoshe ozolawula uhlelo lonke, ngeke ashayelwe umthetho uhlaka oluqhamuka ngaphandle. Yinto engeke yenzeke leyo. Esikwaziyo nesisakhuluma ngakho ukuthi asikwazi ukuthemba uhulumeni. Sesibone kakhulu kwenzeka inkohlakalo futhi kunzima nokuxoxisana nabantu ongabethembi. Uma uhulumeni engakhombisa ukwethembeka, singaya kude,” kuchaza uDkt uLasersohn.
UDkt uVusi Nhlapo weSouth African Medical Association (SAMA) okuyinhlangano emele odokotela abalinganiselwa ezi-17 000 bakuleli, uthi basadinga ukuxhumana kakhulu nohulumeni kwezinye izinto ezithinta iNHI.
“Akukho okucacisayo ngokuthi iminyango yezempilo ezifundazweni kuzoba yiliphi iqhaza layo. Siyazi ukuthi kukhona ukukhuluma okuthi eminye imisebenzi izowela ezingeni lezifunda. Isimo esifuze lesi siyakhathaza kakhulu ngoba uma uzokhumbula esikhathini esingaphambili odokotela babesebenza bagcine ngokungaholelwa. Kumele kulungiswe udaba lokwethembana, sibe nengxoxonkulumo evulelekile lapho sizovulelana khona izifuba ukuze sithembane,” kusho uNhlapo.
Sekube nokuqagula okuningi ngokuthi uma sekuqala ukusebenza kwe-NHI, kuzoba ukuphela kwama medical aid, kulahleke inqwaba yemisebenzi.
UNkk uLerato Mosiah oyiChief Executive Offi cer kwaHealth Funders Association, okuwuhlaka olumele ama medical aid angamaphesenti angama-53 ezweni, uthi bazoqhubeka nokuba yiphela endlebeni kungqongqoshe wezempilo nomnyango wakhe kuze kube bathola ukucaciseleka.
Uthi bayameseka uhulumeni kukhona konke akwenzayo ekufakeni lolu hlelo lwezempilo olusebenza emhlabeni, kodwa okubakhathazayo yiqhaza lama medical aid kuNational Health Insurance Bill.
Eqhuba uthe ama medical aid angeke aqedwe iNHI njengoba bekuvela isithombe esinjalo phambilini, kodwa unokungabaza ukuthi abantu bazokwazi ukuqhubeka nokukhokhela ama medical aid. Enye yezinkampani ezinkulu zama medical aid, iDiscovery Health ithi iyameseka uHulumeni ezinhlelweni zeNHI ezizokwenza isiqiniseko sokuthi wonke umuntu uyakwazi ukuthola usizo lokwelashwa oluqondene ngqo nezidingo zakhe.
IChief Executive Offi cer kwaDiscovery Health uDkt uJonathan Broomberg, uthi badinga incazelo egcwele ngokuthi esikhathini esizayo iNHI Bill izoba namthelela muni kwabalashwa ngasese nalabo abanama medical aid. NjengoMosiah, uBroomberg uthi iDiscovery idinga incazelo emnyangweni wezempilo.
“Umbono wethu uthi ukwehlisa izinga lokusebenza kwama medical aid, kuzoba nomthelela nasekusebenzeni kweNHI ngoba iqiniso elisobala ngelokuthi izinsiza azanele ukuhlangabezana nezidingo zabantu bonke baseNingizimu Afrika. Ukunqinda abantu ekutheni babe nama medical aid ngoba bewadinga, kuzofana nokubancisha ithuba eliyilungelo labo,” kusho uBroomberg.
Uthi bazoqhubeka nokubamba izingxoxo nohulumeni ukuqinisekisa ukuthi ama medical aid ayaqhubeka nokubamba iqhaza elibalulekile ngisho sekusebenza iNHI. Uthi bayakholwa nokuthi uma lolu hlelo selusebenza ngokugcwele, akhona amathuba azokwakheka kuma medical aid okuzowaphonsela inselelo yokuba ashintshe indlela asebenza ngayo ahambisane nesikhathi samanje kanjalo neNHI.