Ukuzamazama komhlaba eMsinga kuphoqe ukuthi zithuthe izakhamizi



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.


Sigcine sithuthile lapho ebesihlala khona isakhamuzi saseMsinga Top kuwadi 15, uMnuz uMphalele Ngubane ngenxa yokusabela impilo yakhe neyomndeni wakhe.
UMnuz uNgubane uhlala ngezansi komgwaqo ngasentabeni okwenze wathutha ingoba kwezinye izikhathi bekuba nokuzama zama komhlaba maduzane nasemzini wakhe.
“Sesigcine sithuthile mina kanye nomndeni wami, besingasahlali ngokukhululeka njengoba bekuke kube nokunyakaza komhlaba. Njengoba sihlala endaweni esezansi nje bekuthi uma kuzama zama umhlaba bese amatshe awele endlini. Akugcinanga lapho kodwa kube sekulimala nomgwaqo lona esiwusebenzisayo” kubeka uMnuz uNgubane.
Leli lunga lo mphakathi elikhulile lithe yize likwazile ukuthutha okubuhlungu ukuthi, alazi lizoyithatha kanjani imoto yalo kwazise umgwaqo uhlukene phakathi nendawo.
UMnuz uNgubane uqhube wathi: “Okusithusayo kakhulu akugcinanga ngokuthi silinyalelwe umgwaqo, nokudilikelwa amatshe kodwa sithole amathambo. Lamathambo akhombisa ukuthi akuwona ewesilwane, kodwa owomuntu okade washona nongaziwa ukuthi ungubani” usho kanje.
IMeya yaseMsinga uMnuz uDokotela FJ Sikhakhane ubekhona eyobheka isimo esibhekene nomndeni wakaNgubane.
“Njengokujwayelekile besihambela izindawo zalapha endaweni konke bekukuhle njengoba sibone amahholo amabili amasha kanye nomgwaqo obuwakhiwa, sithe sesizophothula usuku sahlangabezana naloludaba oluthinta umndeni wakaNgubane. Besiwutholile umbiko, kodwa njengoba sesifikile kukubeka ngelinye. Asinayo indlela yokubasiza abantu bakithi kodwa siyaqinisekisa ukuthi sizothinta abezeMvelo nabakaHuman Settlement. Akuwona umndeni wakaNgubane kuphela osukile kodwa ikhona neminye abantu bakhona esibacelile ukuthi basuke” kubeka iMeya.
IKhansela lewadi uMnuz uDoctor Myeza uthe bawabikela amaphoyisa ngaloluda lwamathambo omuntu ongaziwa nokuthiwa awekho amathuna noma umuntu oseke wagcwatshelwa kulendawo.
“Sizamile konke ukuhlenga abantu bakithi ngoba phambilini besithi okwenzakalayo kungenxa yezimvula, kodwa noma seziphelile bekuqhubeka. Ingakho sibacele ukuthi besuke, siyathembisa umndeni wakaNgubane uzowuthola umuzi abazohlala kuwo. Ngiyafisa abantj abahamba ngezimoto bengazami ukusebenzisa lo mgwaqo” uMnuz uMyeza.