Now Reading
IMeya yaseDumbe ihlalele ethembeni ngokuhle okuzayo kuMasipala
Dark Light

IMeya yaseDumbe ihlalele ethembeni ngokuhle okuzayo kuMasipala

IMeya yaseDumbe uMnu uSibusiso Mkhabela uthi ukuthola umbiko okhombisa ukuthi basebenza ngendlela elungile, uMasipala uzoqhubeka nokuthola uxhaso lwezimali kuHulumeni.

UMkhabela usho emva kokuthi uMasipala waseDumbe utholakale ukuthi awunawo ugcobho ekusetshenzisweni kwezimali. Lo Masipala waseDumbe uholwa i-African National Congress (ANC) ngokubambisana ne-National Freedom Party (NFP).

“Sinonyaka owodwa nje sithathile njengobuholi obusha kodwa sesithole ukunconywa ihhovisi likamgcini mabhuku ngokuthi imali siyisebenzisa ngendlela. Lokhu okokuqala ukwenzeka emuva kweminyaka emithathu isimo sikaMasipala sisibi kwezezimali,” kusho uMnuz uMkhabela ngenkathi uMasipala waseDumbe wethula uhlelo lwentuthuko edidiyelwe.

Umbiko ukhishwe ihhovisi lomcwaningi mabhuku-jikelele eliholwa nguTsakani Maluleke

Eqhuba uthe: “Sithole uMasipala ungenawo amarekhodi afanele ezimali, kodwa sakwazi ukukuguqula lokho ngesikhathi esifushane kakhulu. Iminyaka emithathu iDumbe ibingomunye womasipala ebingenzi kahle kwezezimali. Le mpumelelo inkulu kakhulu kuthina, iyadinga ukushayelwa izandla. UMasipala kulesi sikhathi ukwazile ukusebenzisa imali yabantu ngendlela ekumele isebenze ngayo,” kubeka uMnu uMkhabela.

See Also

Ngokhetho lomasipala bendawo olwaba ngoLwezi nyakenye, iNFP yathola u-33.5% wamavoti. Iqembu leNFP libe seliphatha lomasipala, uMavuso owabe iMeya ye-ANC waba isekela likaMkhabela.

UMkhabela uqhube wathi: “Okunye esikwenze senza kahle ukugcwalisela izikhundla ezibalulekile ukuze kuzokwazi ukulethwa okwenze izidingo zomphakathi ngendlela efanele. Ngesikhathi singena sasingekho isikhulu sezimali, imenenja kamasipala kanye nomqondisi wezobuchwepheshe.”

Scroll To Top