AMabhokobhoko amvulele indlela yamabhizinisi uMtawarira
Isingene shi kwezamabhizinisi ingwazi yaMabhokobhoko, uTendai ‘The Beast’ Mtawarira onqobe iNdebe yoMhlaba naMabhokobhoko ngaphambi kokuthatha umhlalaphansi.
Ngowezi-2019, uMtawarira ubambe elikhulu iqhaza ngesikhathi Amabhokobhoko ekhala emuka neNdebe yoMhlaba ethela othulini amaNgisi, eJapan.
Ngemuva kweNdebe yoMhlaba lesi sidlakela simemezele ukuthi siwagaxa emgibeni amakhokho.
Udlale ezingeni elikhokhelayo iminyaka eli-14. “Ngesikhathi ngisadlala bengazi ukuthi kuzofika isikhathi sokuthi ngithi khumu ekudlaleni ibhola lombhoxo. UMdali ungibusisile ngadlala eqenjini lesizwe iminyaka eli-11. Ngidlale kuleli ngaphinde ngadlala naphesheya kwezilwandle. Ikhono lami likwazile ukunginikeza ithuba lokuphila impilo engcono. Yingakho bekumele ngenze isiqiniseko sokuthi ngihlelela impilo ngemuva kwebhola lombhoxo ngisadlala. Kulapho ngithathe khona isinqumo sokuvula amabhizinisi ahlukene. Ngingene ebhizinisini lenkampani yonogada, ibhizinisi lokuvubela nokudayisa iwayini nelokuqashisa ngezindlu,” kuchaza le ngwazi.
KuMabhokobhoko udlale imidlalo eli-117. Uyibambe endaweni yeshumi nesikhombisa kubadlali abanemidlalo eminingi eqenjini lesizwe. “Ngisebenze kakhulu nenkampani edumile yonogada, iFidelity. Lapha benginamasheya kodwa manje senginenkampani yami eyaziwa ngoMlindi Security. Sigada izikhungo nezitolo ezahlukene eNingizimu Afrika jikelele. Ibhizinisi lenza kahle ngendlela eyisimanga. Kungisizile ukuqala ngisadlala ngokuthi ngibe yingxenye yabakwaFidelity,” kuchaza uMtawarira.
ENingizimu Afrika ugijime kuSharks ezinze eThekwini ngaphambi kokubhekisa amabombo ku-Old Glory DC yaseWashington. “Ngiwumuntu ozifelayo ngewayini. Yingakho ngithathe isinqumo sokuqala ibhizinisi lokuvubela nokudayisa iwayini. Iwayini lami litholakala zonke izifundazweni, yisemazweni ase-Afrika nasemazweni afana noMelika neFrance,” kubeka uMtawarira exoxa nelaboHlanga engxoxweni ekhethekile.
Iwayini likaMtawarira laziwa ngeThe Beast Wine Collection eza ngezinhlobonhlobo. Ngemuva kokuthatha umhlalaphansi ujoyine inkampani yesihlabani somculi uJay Z, iRoc Nation. “Ngazizwa ngikhethekile ngijoyina inkampani enkulu njengeRoc Nation. Lena yinkampani ephethe izihlabani. Ngahlala phansi nabo sabhunga ngezifiso zami. Phakathi kwazo wukusabalalisa iThe Beast Wine Collection nezinye izinto ezinkulu engihlela ukuzenza,” kusho yena.