Now Reading
Hleze kuqubuke abanye ababaleki ngenxa yempi eSudan
Dark Light

Hleze kuqubuke abanye ababaleki ngenxa yempi eSudan

I-United Nations Refugee Agency (UNHCR) manje isixwayisa ngokuthi abantu abangaphezu kwezi-800 000 bangase babaleke eSudan ngenxa yempi eqhubekayo phakathi kwamaqembu amabili amasosha njengoba uNobhala Jikelele ethumele iNhloko yakhe yosizo kulesi sifunda ngempelasonto.

Emasontweni amabili ngemuva kokuqubuka kwempi enhloko-dolobha iKhartoum nakwezinye izingxenye zezwe, isimo sobuntu sesifinyelele ezingeni elingelihle neze lapho uNobhala Jikelele Wezindaba Zosizo lwabantu uMartin Griffiths ekhomba ukwanda kokushoda kwezimpahla nezinsiza ezibalulekile, okuhlanganisa ukufinyelela emanzini, ukudla, uphethiloli nezinye izinto ezibucayi, njengoba imibiko yezingxoxo eziqondile ezingase zibe khona phakathi kwamaqembu alwayo iqala ukuvela.

Amashumi ezinkulungwane zabantu asebalekile eSudan, abaningi befuna ukuphepha emazweni angomakhelwane okuhlanganisa iChad, iCentral African Republic, i-Ethiopia neLibya phakathi kwamanye, okuyisifunda esivele sintekenteke manje esibhekene nomthelela wale ngxabano yakamuva.

Umxhumanisi Omkhulu Wezimo Eziphuthumayo we-UNHCR e-Chad, uBrice Degla uthi, “Isu le-UNHCR lapha ukuze kuphenduleke, kuqala ukusiza abantu abeza, ukuqinisekisa ukuthi inqubo yokwamukela yenziwe kahle, iphuzu lokuqala. Okwesibili ukuqinisekisa ukuthi zonke izinkinga zokuvikela ziqondakala kahle bese ziyalungiswa, ngakho-ke sikhiphe izinto eziningi zokubhalisa okuwukhiye wokuqala wempendulo, sidinga ukwazi uhlobo lwabantu esibafunayo. ukusekela ngakho ukubhaliswa kuwumsebenzi wokuqala oqhubekayo futhi okwesibili, sizama ukwenza isiqiniseko sokuthi sinesimiso esifanele sokulawula umngcele, ukuze sibe nabantu abasha abangena emngceleni ukuze sikwazi ukuqapha futhi leso simo. Kodwa okwesithathu wusizo oluthinta amanzi, imfundo, ezempilo.”

See Also

Bangaphezu kwama-500 abantu asebeshonile kwathi abangaphezu kwezi-4 500 balimala kanti ukwelulwa ngamahora angama-72 esivumelwaneni sokumiswa kwezikhali okuvunyelenwe ngaso ngesonto eledlule sibonakala sintenga, njengoba izimpi ezinzima nokungavikeleki kuxosha abantu emizini yabo.

Scroll To Top